Izinsuku ezingu-7 Zokuthola UkuphumulaIsampula

7 Days of Finding Rest

USUKU 1 KWEZINGU- 7

Kukhona ikhambi lokukhathala...

uJesu wathi, futhi kulotshiwe eZwini lakhe,  “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo , nithwele imithwalo enzima, mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu. Ake nginifundise, ngokuba ngithobekile, ngimnene ngenhliziyo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu.” ( bheka KuMathewu 11:28-29)

Kukhona ikhambi lokukhathala kwakho, futhi leli khambi litholakala kuYe ongakhathali.

Amazwi kaJesu akuMathewu 11 ayisimemo sokuthi uze njengoba unjalo. Isimemo sokuthola ukuphumula eduze noNkulunkulu.

Nakhu iBhayibheli elisitshela kona ngoNkulunkulu: “Awukaze uzwe? Awukaze uqonde? uJehova unguNkulunkulu waphakade, uMdali womhlaba wonke. Akaphelelwa amandla noma akhathale. Akekho ongakala ukujula kokuqonda kwakhe. Ababuthakathaka nguyena obapha amandla, nabangenamandla uyabanika amandla.” ( bheka ku-Isaya 40:28-29)

Yebo, unguSomandla, ungunaphakade, akanasiphetho, mkhulu ngendlela engenakulinganiswa. Ungathola konke okudingayo Kuye namuhla...akukho nesisodwa isikhalo onaso angenaso isisombululo saso. Mphathise ngokukhathala kwakho, futhi esikhundleni saKhe uthathe konke...Ukulunga Kwakhe, ukubekezela Kwakhe, amandla Akhe, ubuhlakani Bakhe, amandla Akhe.

Namuhla, ngikumema ukuthi wenze okuthile: bhala phansi konke okukukhathazayo...ngokomzimba, ngokwengqondo, noma ngokomzwelo. Ngemva kwalokho, bhala phansi konke uNkulunkulu akunikezayo okungakusiza ukuba ubhekane nalokhu kukhathala! Namuhla, thola amandla akho Kuye, futhi umvumele athele kuwe izinsiza eziningi azilungiselele wena!

Siyabonga ngokubakhona!
U-Eric Célérier

P.S. Imibhalo yalokhu kufundwa iphuma ku-imeyili yansuku zonke Isimangaliso Nsuku Zonke . Uma ufuna ukuthola i-imeyili nsuku zonke, ngikumema ukuthi ubhalisele ku Simangaliso Nsuku Zonke  . Ngokubhalisa, uzothola i-E-book!

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

7 Days of Finding Rest

Lolu hlelo lokufunda ‘lokuthola ukuphumula’ lusekelwe emazwini kaJesu akuMathewu 11:28-29. UJesu wathembisa ukuthi uma uza kuye, uzothola ukuphumula. Umgomo wale miyalezo uwukusiza ukuba uthole ukuphumula kwangempela, kungaba ngokomzimba, ngokwengqondo, noma ngokomzwelo. Ake siqale lolu chungechunge!

More

Sithanda ukubonga i-Jesus.net ngokusihlinzeka lolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: http://bit.ly/miracle-jesusnet-findingrest/

Izinhlelo zohlobo olufanayo