Izinsuku ezingu-7 Zokuthola UkuphumulaIsampula
Uyazi ukuthi imithwalo esindayo iyini na?
Usho uJesu ezwini lakhe ukuthi: “Wozani kimi; nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo imithwalo enzima, mina ngizoniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu. Ake nginifundise, ngokuba ngithobekile, ngimnene ngenhliziyo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu.” ( bheka uMathewu 11:28-29)
Uma ubukwazi ukukala, ngabe umthwalo wakho ube nesisindo esingakanani?
- Lokhu kugula kungaba opondo abangaki?
- Lokhu kuhlukana emndenini wakho?
- Lesi simo sezimali esikuphethe kabi, sisongela ukukuchoboza?
Kunezindaba ezinhle kuwe futhi ngiyakhuleka ukuthi uphakamisele amehlo akho kuNkulunkulu: “Kuyakuthi ngalolo suku umthwalo wakhe ususwe emahlombe akho, futhi ijoka lakhe entanyeni yakho, nejoka liyakuchithwa ngenxa yamafutha ogcobo.”(bheka u-Isaya 10:27)
uJesu uze ukuzosikhulula kukho konke okungadingeki ukuba sikuthwale: icala, ukuqhathanisa, umona, nezinye izinto eziningi eziletha ukukhathala ezimpilweni zethu.
u Jesu weza ukuzosinika ukuphila ngokuchichimayo. Akazange aze ethembisa ukuphila okulula kodwa kunalokho ukuphila lapho Ahamba khona eduze kwethu.
Lapho sekushiwo futhi kwenziwa konke, umthwalo osinda kakhulu ukuphila ngaphandle kukaJesu...ngoba kuye futhi ngaye kukhona ukuthula, injabulo, ukholo, ukuzethemba. Isiqinisekiso sokuthi awuwedwa ngoba Ukhona! Uyakuqapha. Uyakuvikela. Uyakuthanda.
Umkhuleko wami kini namuhla owokuthi nimane nibambelele kulesi sithembiso: uNkulunkulu unani, nsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwesikhathi. ( bheka uMathewu 28:20)
Asikhuleke ndawonye…“Nkosi, uyayazi inhliziyo yami, Uyazi ukuthi ngikuthanda kangakanani. Ngiyazi ukuthi Ukhona lapha nami, futhi ngifuna ukuzwa okwengeziwe Ngawe. Ngikunika konke okungisindayo, futhi ngikulindele ngethemba elilindelekile Kuwe. Yebo, ngilindile, Nkosi! Ngiyabonga...ngiyazi ukuthi uyanyakaza ngoba yisethembiso saKho esisezwini laKho! Ngegama lakho ngiyakhuleka. Ameni.”
Siyabonga ngokubakhona!
Mayelana naloluHlelo
Lolu hlelo lokufunda ‘lokuthola ukuphumula’ lusekelwe emazwini kaJesu akuMathewu 11:28-29. UJesu wathembisa ukuthi uma uza kuye, uzothola ukuphumula. Umgomo wale miyalezo uwukusiza ukuba uthole ukuphumula kwangempela, kungaba ngokomzimba, ngokwengqondo, noma ngokomzwelo. Ake siqale lolu chungechunge!
More