Phefumulela Intshiseko Yomoya Emshadweni WakhoIsampula

Breathe Spiritual Passion Into Your Marriage

USUKU 4 KWEZINGU- 7

“Ukuthembela Kokwaphezulu”

Uma umshado wakho nomndeni uzwakala njengehlaya noma sengathi usemngceleni wesiphithiphithi, akuyona into uNkulunkulu angakaze ayibone noma angakwazi ukuyihlenga. Eziningi izimfundiso zobuKristu namuhla zimayelana ngathi nothuthukisa izipho “zethu”, sithuthukisa amathalenta “ethu”, sifinyelele amandlni “ethu,” nokho okuningi ukufundisa kukaJesu nokwenza kumayelana nokuzinikela emsebenzini kaMoya oNgcwele. Masivumele umshado usifundise ukwethemba loMoya oNgcwele. Uzibonakalisile Yena. Uma ngempela sifuna ukuguqula imishado yethu, kufanele sifunde inkazimulo yokwethembela kuNkulunkulu.

UNkulunkulu akasoze asibiza ukuthi senze okuthile ngaphandle kokusinika konke okudingekayo ukuze siqedele umsebenzi. Kungase kungabi yikho konke esicabanga ukuthi siyakudinga, kodwa kuyoba yikho konke esikudingayo. Lokhu akusho ukuthi umsebenzi uzozwakala ulula. Kodwa uNkulunkulu uthembisa ngo-Isaya, “Unika okhatheleyo amandla, futhi kontulayo uyamandisa amandla.” ( Isaya 40:29 NASB)

Ungawedluli lo mcabango, ngoba ubalulekile: U-Isaya 40:29 uthatha ngokuthi uNkulunkulu uzosibizela emisebenzini ehlukahlukene esintula amandla anele ngokwethu.

“Imfihlo,” yomshado ongcwele ngempela iwumuntu, uMoya oNgcwele othenjiswe nguNkulunkulu. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu onobudlelwane obunjalo (ohlangabezana nesidingo sethu sensindiso ngokuthumela iNdodana Yakhe), akufanele kusimangaze ukuthi uhlangabezana nesidingo sethu sokuguqulwa ngokuzithumela Yena uqobo kubuntu bukaMoya wakhe oNgcwele.

Njengoba umshado ungenye yezenzo zokukhonza ezijule kakhulu noma yimaphi amakholwa amabili angahlanganyela, akunakwenzeka ukushada ngendlela engcwele ngaphandle kokuba uMoya oNgcwele usebenze ezimpilweni zethu, usisize siqonde ukuthi kusho ukuthini ukuthanda, esinika amandla okuthanda, esisola lapho sihluleka ukuthanda, evuselela izinhliziyo zethu lapho sikhathala othandweni, futhi ethela ithemba lapho sidangala othandweni.

* Uncika kuMoya oNgcwele ukuthi aqinise wena nomshado wakho? Yisiphi isimo lapho owawuntula khona amandla, kodwa waqiniswa nguMoya oNgcwele?

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Breathe Spiritual Passion Into Your Marriage

Ithathwe encwadini yakhe entsha ethi "A Lifelong Love," uGary Thomas ukhuluma ngezinjongo zaphakade zomshado. Funda amathuluzi asebenzayo ukusiza ukwakha umshado wakho ube ubudlelwano obukhuthazayo, ukusabalalisa impilo engokomoya kwabanye.

More

Sithanda ukubonga David C Cook ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.dccpromo.com/a_lifelong_love/