Ngikulindile Lapha, Uhambo lweThemba oluzayoIsampula

NGINGSABA BANI?
CABANGA
Phakathi kokulwa nokufutheka, beka amehlo akho kuJesu. Uyakulwela. uEmmanuel useduze. Noma bekusola nesitha sihlasela imicabango yakho, noma abantu bezama ukukwehlisa futhi bedicilela iama lakho odakeni, noma ngabe amacebo amabi ethulwa ngawe nezilingo zibhonga, inyama yakho yehluleka futhi ifuna ukuziphindiselela-ithemba lakholikuYe okulwelayo. Uphephile othandweni lukaNkulunkulu nasemandleni egama Lakhe.
ZINDLA
Ungesabi ukungethemba esivunguvungwini
Ungesabi ukungethemba esivunguvungwini,
Ngihla ngiseduze kakhulu.
Ngiza ukuzokwehlisa ukwesaba kwakho okungadingekile,
Labo abakhathele abesabi.
Yekela
Ungesabi, ngokuba Nginawe,
Ungesabi, ngokuba Nginawe,
Ungesabi, ngokuba Nginaw,
Nginawe indlela yonke.
Ngingengabonakale ngiseduze njalo
ngedlela ongafisa ngayo;
kodwa ekuthuleni nasesivunguvungwini,
Ngibona zonke izingozi.
Yekela
Ungesabi ukwethemba isandla sami esinamandla;
Silethile insindiso.
Ngihluphekile kakhulu ukukunika impilo,
Ukukunika umqhele.
Yekela
J.W. Howe, Stanzas 1-3
UMKHULEKO
Baba, phakathi kwesivunguvungu ngibeka ithemba lami kuwe. Uyangilwela futhi Umkhulu kunezitha zami. Akukho engibhekana nakho namhlanje okunamandla ukudlula Wena. Ungumhlabathi oqinile ngaphansi kwezinyawo zami. Ngiyakubonga ngokuzungeza labo abangizungezile. Ngiphe ukuthula phambi kwezitha zami, ngazi ukuthi Uyangibona futhi Uyangivikela othandweni Lwakho. Amen.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo

Lesi isikhathi sokulindela nokulungiselela. Hlanganyela nomfundisi kanye nombhali wezinwadi uLouie Giglio ohambeni lokulungiselela nokuqonda ukuthi ukulinda akukhona ukuchitha isikhathi uma ulinde kuJehova. Thatha lelithuba ukwembuleleka ngethemba elikhulu elitholakalayo ekuthatheni isikhathi sokulinda. Ezinsukwini eziyisikhombisa ezizayo uzothola ukuthula nokuvuseleleka emoyeni wakho usalangazelele umgubho omkhulu!
More
Izinhlelo zohlobo olufanayo

Uthando Olumangazayo noFrancis Chan

Konke Kuzolile: Ukuthola ukuphumula kukaJesu kuloKhisimuzi

Ukukholwa Ubuhle BukaNkulunkulu Noma Kunjani

Ukulalela uNkulunkulu

Ukusebenzisa isikhathi sakho kuNkulunkulu

Ukubuya: Awukephuzi Kakhulu Futhi Awukho kude Kakhulu

Phila NgoMoya: Ukuzinikela No John Piper
