Ngikulindile Lapha, Uhambo lweThemba oluzayoIsampula

UNKULUNKULU UYASEBENZA NGESIKHATHI SILINDILE
CABANGA
Uma sineqiniso, sonke siyakuzonda ukulinda. Ngokweqiniso, imvamisa siyaye sithi, "Angikholwa ukuthi lento ithatha isikhathi eside kanje; kungibiza isikhathi engingenaso!" Yingoba abaningi bethu babona isikhathi sokulinda njengesikhathi esichithwayo. Kodwa akunjalo kuNkulunkulu wethu.
UNkulunkulu usebenza silindile. Noma singaboni lokhu Akwenzayo, uNkulunkulu uhlala njalo ecubugula izinhlelo zezulu nomhlaba ukuphumelelisa icebo Lakhe ngempilo yakho. Themba othandweni Lwakhe olungapheliyo-uthando olwamnyakazisa ukuze athumele uMsindisi esuka ezulwini ukukubuyisela futhi akusindise. Icebo likaNkulunkulu ngempilo yakho ngeke liphazanyiswe. Linda ngesineke, wazi ukuthi ukulinda akusoze kwaba yisikhathi esichithiwe uma ulinde kuNkulunkulu.
ZINDLA
Woza wena Jesu oselindelwe isikhathi eside
Woza, wena Jesu oselindelwe isikhathi eside
Ozelwe ukuzokhulula abantu;
Ekwesabeni nasezonweni zethu sikhulule,
Masithole ukuthula Kuwe
Wena Mandla neNduduzo ka Israeli,
Wena uyithemba lomhlaba wonke;
Sifiso esithandekayo sazo zonke izizwe,
Ntokozo yayo yonke inhliziyo elangazelelayo.
Wena ozelwe ukuzokhulula abantu bakho,
Wena ozelwe ungumntwana kodwa uyiNkosi,
Uzelwe ukubusa kithi ingunaphakade,
Manje mawufike umbuso Wakho.
Ngomoya wakho waphakade
Busa wena wedwa ezinhliziyweni zethu;
Nakho konke ukufaneleka kwakho,
Siphakamisele enkazimulweni yesihlalo sakho sobukhosi.
Charles Wesley, 1707-1788
UMKHULEKO
Baba, ngilana ngilinde wena. Inhliziyo yami nezandla zami zivulelekele inhloso kanye necebo Lakho ngempilo yami. Ngiphe ukubekezela engikudinga kakhulu ungihole ekulindeni kwami. Noma imizwa yami ingakafinyeleli lapho okwamanje, ngiyakholwa kukhona ongenzela kona namanje, uyangivikela, uyangimela, uyangilungiselela, uyangihlinzeka. Ngiphe umusa ukwethemba Kuwe lapho ngibhekene namandla amakhulu emimoya yokungabaza evunguza ngapha nangapha. Gxilisa inhliziyo yami kuWe. Amen.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo

Lesi isikhathi sokulindela nokulungiselela. Hlanganyela nomfundisi kanye nombhali wezinwadi uLouie Giglio ohambeni lokulungiselela nokuqonda ukuthi ukulinda akukhona ukuchitha isikhathi uma ulinde kuJehova. Thatha lelithuba ukwembuleleka ngethemba elikhulu elitholakalayo ekuthatheni isikhathi sokulinda. Ezinsukwini eziyisikhombisa ezizayo uzothola ukuthula nokuvuseleleka emoyeni wakho usalangazelele umgubho omkhulu!
More
Izinhlelo zohlobo olufanayo

Uthando Olumangazayo noFrancis Chan

Konke Kuzolile: Ukuthola ukuphumula kukaJesu kuloKhisimuzi

Ukukholwa Ubuhle BukaNkulunkulu Noma Kunjani

Ukulalela uNkulunkulu

Ukusebenzisa isikhathi sakho kuNkulunkulu

Ukubuya: Awukephuzi Kakhulu Futhi Awukho kude Kakhulu

Phila NgoMoya: Ukuzinikela No John Piper
