Imininingwane ngohlelo

Ngikulindile Lapha, Uhambo lweThemba oluzayoIsampula

Waiting Here for You, An Advent Journey of Hope

USUKU 1 KWEZINGU- 7

NGESIKHATHI

CABANGA

Abantu bakaNkulunkulu bathenjiswe amakhulu eminyaka. Balangazelele futhi bakhulekele ukutakulwa. Ngosuku olulungile, endaweni elungile, nangesikhathi esilungile, uJesu wazalwa. Nokuba uNkulunkulu engavamile ukufika ngesikhathi sethu esimisiwe, Uhlala efika ngesikhathi esifanele.

Sonke kukhona esikulindile, kaningi siyazibuza ukuba Unkulunkulu usesikhohliwe na. Ekulindeni kwakho, vumela ukuzalwa kuka Krestu kukukhuthaze. Ngoba uNkulunkulu akakafiki (ngokubona kwakho), akusho ukuthi usekushiyile. Kuye usuku lufaniswa nezinkulungwane zeminyaka kanjalo nezinkulungwane zeminyaka zifana nosuku. Ngalomzuzu Usebenzela inkazimulo Yakhe nokuzuzisa wena. Yize izimo zisho okwehlukile, uNkulunkulu uzozibonakalisa, ngesikhathi esifale, ukufeza amacebo Akhe amiswe kudala ngawe. Ungadikibali isikhathi singakafiki.

Thatha ithemba emkhombeni ebese uyazi ukuthi uyathandwa futhi uyaziswa uNkulunkulu owehla ezulwini futhi wafika ngesikhathi esikufanele.

ZINDLA

Yenza umsindo ojabulisayo

Yenza umsindo ojabulisayo! Kuza uMsindisi,
Umsindisi owathenjiswa isikhathi eside;
Zonke izinhliziyo mazilungise isihlalo sobukhosi,
Wonke amazwi alungise ingoma.

Uza ukuzokhulula iziboshwa,
Ababoshwe ngusathane.
Amasango ethusi ayaqhuma phambi kwakhe, 
Amaketanga ensimbi ayagqashuka.

Uza ukuzobopha izinhliziyo eziphukile,
Uzokwelapha umphefumulo owophayo,
Futhi ngengcebo yomusa wakhe
ukucebisa abampofu abathobekile.

Ngejabulo yethu, Nkosi yokuthula,
Ukwamukelwa kwakho kuzomemezelwa,
Futhi ingunaphakade laseZulwini
Ngegama lakho elithandekayo.

Philip Doddridge, 1702-1751

UMTHANDAZO

Baba, ngihlangabeze ekulindeni, endaweni lapho ngilangazelela lokhungakabonakali. Thulisa inhliziyo yami ebese ungipha ikhono lokwazi ukuthi Useduze. Ngiyakholwa izinhlelo zakho zinhle. Ngiyazibona ekuzalweni kweNdodana Yakho eyodwa.

Kodwa kwesinye isikhathi ngiyahluleka ukubona ngale komusi ongizungezile. Vuselela ukuzethemba kwami uma ngiphakamisela amehlo ami Kuwe. Khazimuliswa kweyami impilo ngalesi sikhathi sokulindela. Amen.

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Waiting Here for You, An Advent Journey of Hope

Lesi isikhathi sokulindela nokulungiselela. Hlanganyela nomfundisi kanye nombhali wezinwadi uLouie Giglio ohambeni lokulungiselela nokuqonda ukuthi ukulinda akukhona ukuchitha isikhathi uma ulinde kuJehova. Thatha lelith...

More

Sithanda ukubonga i Louie Giglio (Waiting Here for You - Passion Publishing) ngokusinikeza lendlela yokufunda. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.passionresources.com

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo