Ikhambi Lesizungu Isampula

The Antidote To Loneliness

USUKU 2 KWEZINGU- 3

“Ngokuba singumsebenzi wezandla zikaNkulunkulu, sidalelwe kuKristu Jesu ukwenza imisebenzi emihle, ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba siyenze” (Kwabase-Efesu 2:10).

UNkulunkulu wasibeka eMhlabeni ukuthi senze umsebenzi othile esingakwazi ukuwenza kuphela. Eyabase-Efesu ithi uNkulunkulu wasidala ukuba senze imisebenzi emihle futhi Wakuhlela kusengaphambili lokho okufanele sikwenze ekuphileni kwethu . Nokho, Akazange ahlele ukuba senze lowo msebenzi sisodwa. Sidinga abantu abazosebenzisana nathi.

Uyawazi umuzwa owutholayo uma wenza umsebenzi omningi uwedwa. Uzizwa uphelelwa amandla futhi ushile. Kungani? Yingoba uzama ukwenza umsebenzi wakho uwedwa, kuyilapho uNkulunkulu engahlosile ukuba kube njalo.

KumShumayeli 4:9, uNkulunkulu uyasitshela, “Abantu ababili bangcono kunoyedwa, ngoba bathola okuningi ngokusebenza ndawonye” (NCV). Uma nisebenza njengeqembu, nithola okuningi kakhulu. Futhi, ukuba nozakwenu abahle eceleni kwakho kujabulisa kakhulu futhi akukhathalisi!

Kubone ngale ndlela: Ngamunye wethu ufana nekhekheba leqhwa. Ngokwethu, asikwazi ukwenza umehluko omkhulu. Nokho, lapho ikhekheba leqhwa elilodwa elintekenteke linamathela kwamanye amakhekheba eqhwa amaningi, lingamisa ukuhamba kwezimoto. Njengamakhekheba eqhwa, singenza umehluko omkhulu uma sisebenza ndawonye, ngamunye wethu enze ingxenye yakhe encane.

Ingabe bewazi ukuthi uma sisebenza ndawonye lapha eMhlabeni, empeleni sizilolongela ingunaphakade? EZulwini, sonke kuyodingeka sisebenze, kodwa ngamunye wethu uzoba nomsebenzi omncane, ngakho-ke asisoze sasindwa noma sikhathele. Nakuba engekho oyothwala umthwalo osindayo njengoba ngamunye wethu enza ingxenye yakhe encane, wonke umsebenzi usazokwenziwa.

Njengoba uhamba empilweni, khumbula ukuthi akufanele wenze yonke into ngokwakho. Udinga abanye abantu ukuthi bahambe eduze kwakho, nabanye abantu bayakudinga. Njengoba wabelana ngomthwalo wakho womsebenzi namanye amaKristu, uyothola ukuthi empeleni ufeza okwengeziwe ngenxa yenkazimulo kaNkulunkulu.

 

 

Khuluma Ngakho

1. Ingabe ubuzama ukufeza umsebenzi omningi uwedwa? Ube yini umphumela?

2. Ungabathola kanjani abantu ukuze bakusize emsebenzini uNkulunkulu afuna uwenze? Ubani ongamsiza emsebenzini uNkulunkulu abahlelele wona?

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

The Antidote To Loneliness

Sifunda izifundo ezibalulekile lapho sihamba nabanye abantu. Sifunda ukusebenzelana nokubambisana nabanye. Wonke umuntu uyakulangazelela ukwamukelwa, ngoba uNkulunkulu wasenzela ubudlelwane. Lapho sihamba namanye amaKris...

More

Sithanda ukubonga uRick Warren/Daily Hope ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://PastorRick.com

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo