Imininingwane ngohlelo

Ikhambi Lesizungu Isampula

The Antidote To Loneliness

USUKU 1 KWEZINGU- 3

“Futhi njengoba nje namukele uKristu Jesu njengeNkosi yenu, qhubekani nimlandela” (Kolose 2:6 NLT).

IBhayibheli livame ukufanisa ukuphila nokuhamba, ngoba ukuphila kuwuhambo. Asihlezi phansi. Kulo lonke iTestamente Elisha, sitshelwa ukuthi sihambe ngokuhlakanipha, uthando, ukukhanya, nokulalela. Sitshelwa ukuthi sihambe njengoba uJesu ahamba. Siphinde sitshelwe ukuthi sihambe nabanye abantu. Nazi izizathu ezintathu okudingeka sihambe nazo nabanye abantu:

· Kuphephe kakhudlwana. Wake wahamba wedwa ebusuku endleleni emnyama noma wehla ngomgwaqo wasemaphandleni ongenamuntu? Kuyethusa kancane. Kodwa uma unomunye umuntu nawe, uzizwa uphephile.

· Kuyeseka. Impilo ayiwona udeshi wamayadi angu-50. Umjaho! Ukuhamba nabanye abantu kukunika amandla okuqhubeka kuze kube sekupheleni.

· Kuhlakaniphile. Ufunda okwengeziwe ngokuhamba nabanye kunokuhamba wedwa. Uma uhamba wedwa endleleni engafanele, ungase ungakuqapheli. Kodwa uma unomngani eduze kwakho, omunye wenu angase abone ukuthi usuphambukile endleleni futhi udinga ukuthola indlela efanele.

Sifunda izifundo ezibalulekile lapho sihamba nabanye abantu. Sifunda ukusebenzelana nokubambisana nabanye.

Sifunda nendlela yokuthanda. UGenesise 2:18 uyasitshela, “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa” (NIV). UNkulunkulu uyasizonda isizungu, futhi umphakathi uyimpendulo kaNkulunkulu yesizungu. Uma sihamba nabanye abantu, sithola umphakathi lapho sifunda khona ukuthanda.

Ukuhamba nabanye abantu nakho kusifundisa ukungenisa izihambi. IBhayibheli ku-1 Petru 4:9, “Ngenisani izihambi ngaphandle kokukhononda” (NIV). Yiziphi izaba zakho zokungavuli ikhaya lakho kubangani?

Mhlawumbe uke wathi, “Ikhaya lami lingcolile!”

Hhayi-ke, lihlanze!

Noma mhlawumbe izaba zakho zithi, “Ikhaya lami alilikhulu ngokwanele.”

Ungafaka abantu abathathu kulo? UJesu uthi, Lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngilapho phakathi kwabo” (NgokukaMathewu 18:20 NIV)

Wonke umuntu uyakulangazelela ukwamukelwa, ngoba uNkulunkulu wasenzela ubudlelwano. Lapho sihamba kanye namanye amaKristu emphakathini, sithola lokho kulangazelela kweneliswa.

 

 

Khuluma Ngakho

1. Impilo yakho iye yacetshiswa kanjani ngabantu abahamba ngokwethembeka noma abahamba eduze kwakho?

2. Yiziphi izaba oye wazisebenzisa ukuze ugweme ukungenisa izihambi? Ungawushintsha kanjani umbono wakho nesimo sakho sengqondo?

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

The Antidote To Loneliness

Sifunda izifundo ezibalulekile lapho sihamba nabanye abantu. Sifunda ukusebenzelana nokubambisana nabanye. Wonke umuntu uyakulangazelela ukwamukelwa, ngoba uNkulunkulu wasenzela ubudlelwane. Lapho sihamba namanye amaKris...

More

Sithanda ukubonga uRick Warren/Daily Hope ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://PastorRick.com

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo