Imininingwane ngohlelo

Kwanele: Ukuthulisa Amanga Antshontsha Ithemba LakhoIsampula

Enough: Silencing Lies That Steal Your Confidence

USUKU 7 KWEZINGU- 7

Ngaphezu Kokwanele

Amagama alulazayo asuka ebuntwaneni abonakala enjenge nani, enqanyulwe abazali abanganaki, abangani abangacabangi, othisha abangenaluzwela, nontanga abangenangqondo. Safuna umfana ngenkathi uzalwa…Uyiphutha; asizange sizifune izingane...Asikufuni eqenjini lethu...Ingabe lokho okungcono kakhulu ongakwenza?...Lesi sihlalo sithathiwe. Amagama ananelayo, aqinisekisa lokho ebesivele sikusola—asibalulekile. 

Nali iqiniso. Sonke sinamaphutha kanye nokushoda. Unkulunkulu wazi konke kwakho; Uyazi nokuthi kubangelwa yini. Nokho Wakhetha wena noma kunjalo. Wakukhetha ungakazalwa. Cabanga amazwi kaNkulunkulu kuJeremiya: “Ngingakakubumbi esizalweni ngakwazi, ungakazalwa, ngakungcwelisa; ngakubeka njengomprofethi ezizweni.” ( Ujeremiya 1:5)

Kudala ngaphambi kokuthi uNkulunkulu adale umhlaba, wacabanga ngawe. Wanquma ukukuthatha ube ngumndeni Wakhe ngoJesu Kristu futhi akwenze ugxile othandweni Lwakhe. Kungani? Ngoba kwamjabulisa ukwenza kanjalo ( KwabaseEfesu 1:5)

Unkulunkulu akakwazanga nje kuphela ungakazalwa, wakukhetha ukuba ube ngumntwana wakhe, wakumisa ukuba uthele izithelo. Ujesu wathi: “Aningikhethanga mina, kodwa mina ngikukhethile, ngakumisela ukuba uhambe, uthele izithelo, izithelo ezihlala njalo, nokuba noma yini eniyakukucela egameni lami uBaba aninike khona.” (NgokukaJohane 15:16).

Unkulunkulu wabuye wahlela isikhathi nendawo ethile emlandweni ukuze uzalwe. Upawulu wabhala, “Ngomuntu oyedwa wenza zonke izizwe, ukuba zihlale emhlabeni wonke; futhi wabeka izikhathi zabo ezimisiwe emlandweni nemingcele yezwe labo.” ( IzEnzo 17:26)

Kungenzeka kanjani ukuthi mina noma wena sibe yize? Akunakwenzeka. Iqiniso nje lokuthi sadalwa ukuze sibe abathwali bezithombe zikaNkulunkulu ongcwele lisho okuhlukile. U-C. S. Lewis wabhala encwadini yakhe ethi The Weight of Glory, “Abekho abantu abajwayelekile. Awukaze uhlangane nomuntu nje.” Futhi awuyena umuntu nje ojwayelekile 

Chitha isikhathi ubonga uNkulunkulu ngobuwena namuhla.

***

Sithemba ukuthi ulujabulele lolu hlelo oluvela ku-Kwanele: Ukuthulisa Amanga Antshontsha Ithemba Lakho ka-Sharon Jaynes. Kunokwengeziwe ongakuthola mayelana nokwenqaba amanga futhi esikhundleni sawo sisebenzise iqiniso likaNkulunkulu! Funda kabanzi lapha. 

Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Enough: Silencing Lies That Steal Your Confidence

Ingabe amazwi ekhanda lakho athi awukahle ngokwanele, uhlakaniphe ngokwanele, umuhle ngokwanele...noma awenele, sampela? Umbhali nesikhulumi esidumile uSharon Jaynes udalula amanga akugcina ubanjwe amahloni, ukungavikele...

More

Sithanda ukubonga u-Sharon Jaynes and Harvest House Publishers ngokunikela ngalolu Hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.harvesthousepublishers.com/books/enough-9780736973540

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo