Imininingwane ngohlelo

Kwanele: Ukuthulisa Amanga Antshontsha Ithemba LakhoIsampula

Enough: Silencing Lies That Steal Your Confidence

USUKU 1 KWEZINGU- 7

Ukuthulisa Amanga Antshontsha Ithemba Lakho

Wenzani uma amagama athi, “Angilungile” enamathele ekhanda lakho? Lapho amanga esitha edala izingqinamba empilweni yakho? lapho ukukloloda kukadeveli kuwucingo oluhlabayo olubiyele futhi luvimbele okuhle kukaNkulunkulu. Ingabe kunamanga afikayo engqondweni yakho noma ngabe uzama kangakanani ukuthi aphele nya? Ingabe unokuzisola okugcwele njengezincwadi ezingafundiwe? uma kunjalo, sizobhekana nalokho kulolu hlelo lokufunda olunezingxenye eziyisikhombisa.

Impi yokushintsha ingoma ekhanda lami yaqala lapho ngineminyaka engaba ngu-30, ngihlezi ngaphansi kwemfundiso yowesifazane osekhulile ebandleni lami. Wavula amehlo ami emaqinisweni asemBhalweni mayelana nokuthi ngingubani, enganginakho, nokuthi ngangikuphi (isikhundla sami) njengomntwana kaNkulunkulu. Ngangike ngafunda lawo mavesi ahlakazeke kuyo yonke imiBhalo ngaphambili, kodwa lapho engikhuthaza ukuba ngiwahlanganise wonke abe uhlu olulodwa, uNkulunkulu waqala umsebenzi omusha enhliziyweni yami.

Ungcwele.

Ukhethiwe.

Uthandwa kakhulu.

Ungcwele.

La maqiniso ayelapho emakhasini eBhayibheli lami elimnyama nokumhlophe, futhi ambala abomvu.

Ubuyiselwe ngempilo kaKristu.

Ulungisisiwe ngegazi likaKristu.

Ukhululiwe ekulahlweni ngokufa kukaKristu.

Unomqondo kaKristu.

Ngangazi ukuthi amavesi ayiZwi likaNkulunkulu elingenaphutha, kodwa ngazizwa nginomunyu ngokuwezwa, ukuwafunda, nokuwakholelwa. Ngangingazizwa kahle. Ayengezwakalanga kahle. Ayengenze ngingakhululeki.

Kodwa kwadingeka ngikhethe. Ngabe ngangizokholwa ukuthi uNkulunkulu ukhulume iqiniso? Ngazama ukufunda amavesi futhi ngabambisana noMoya oNgcwele ukuze ngiguqule indlela engangicabanga ngayo ngami, kodwa kwakuwumzabalazo…impi. Ngakho-ke ngaqhamuka necebo lempi—isu lokunqoba amanga esitha ngeqiniso likaNkulunkulu. 

Ezinsukwini ezimbalwa ezizayo sizothola ukuthi singamthulisa kanjani umuntu ogxekayo osibambayo—ukuthulisa amanga antshontsha ukuzethemba kwethu. Sizodiliza izindonga ezigcina okuhle kukaNkulunkulu kude futhi sincike ezwini elipholile, elincane elisibizela kokwengeziwe. 

Ingabe uzimisele ukukholelwa ukuthi uyikho uNkulunkulu athi uyikho, kungakhathaleki ukuthi umuhle, unamandla, futhi unesibindi kangakanani?

***

Lolu hlelo lokufunda luthathelwe encwadini ethi Kwanele: Ukuthulisa Amanga Antshontsha Ithemba Lakho ka-Sharon Jaynes. ukuze ufunde kabanzi, sicela uvakashele lapha. 

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Enough: Silencing Lies That Steal Your Confidence

Ingabe amazwi ekhanda lakho athi awukahle ngokwanele, uhlakaniphe ngokwanele, umuhle ngokwanele...noma awenele, sampela? Umbhali nesikhulumi esidumile uSharon Jaynes udalula amanga akugcina ubanjwe amahloni, ukungavikele...

More

Sithanda ukubonga u-Sharon Jaynes and Harvest House Publishers ngokunikela ngalolu Hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.harvesthousepublishers.com/books/enough-9780736973540

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo