Imininingwane ngohlelo

Kwanele: Ukuthulisa Amanga Antshontsha Ithemba LakhoIsampula

Enough: Silencing Lies That Steal Your Confidence

USUKU 3 KWEZINGU- 7

Yazi ukubona Amanga

Ibhayibheli lithi, “Asibona abangenalwazi ngamacebo [kaSathane]” (2 KwabaseKorinte 2:11 nasb). Amacebo akhe ahlanganisa uhlelo oluqhubekayo lwesinyathelo ngesinyathelo samanga athile aholela kwamanye amanga aholela kwamanye amanga. Amanga aqala emancane anemiphumela ebonakala ingasho lutho futhi kancane kancane akhula abe nemiphumela elimaza kakhulu. Amanga afana nalawa: 

Ngiyisilima kakhulu.

Angikwazi kwenza lutho kahle.

Angisoze ngashintsha.

Ukuphela kwendlela yokubona amanga ukwazi iqiniso. Kufanele silazi iqiniso ukuze kuthi lapho kufika umgunyathi siqaphele ukuntula kwalo ubuqiniso.

Uma umuntu eqeqeshelwa ukuba ngumabhalane ebhange, ufundiswa ukubona imali yomgunyathi. kodwa-ke, abafundisi abafundisi ukuthi izikweletu zomgunyathi zibukeka kanjani; bafundisa ukuthi imali yangempela ibukeka kanjani. Batadisha izimpawu, imibala nendlela ongayizwa ngayo imali yangempela, ngakho lapho kufika umgunyathi, umabhalane angayibona. 

u-D. L. Moody wake wathi, “Indlela engcono kakhulu yokubonisa ukuthi induku igwegwile akukhona ukuphikisana ngayo noma ukuchitha isikhathi uyigxeka, kodwa ukubeka induku eqondile eduze kwayo.” Izwi likaNkulunkulu liwukuphela kwenduku eqondile—uthi lokulinganisa kuphela olubalulekile.

Uma uSathane eza kuwe egqoke isudu encane ebomvu nemfologo futhi ezimemezela ukuthi ungusathane, ubungeke ukholwe nazwi alishilo. Kodwa unobuqili futhi uziguqula ingelosi yokukhanya (2 KwabaseKorinte 11:14). Lapho ekhohlisa u-Eva, waze wacaphuna imiBhalo—nakuba isontekile futhi ingaqondile.

Uneqoqo lamateyipu amadala adlule, futhi uphusha ukuhlehlisa futhi adlale, ahlehlise futhi adlale. O yebo, uyazi ukuthi yiziphi izinkinobho okufanele azicindezele. Usebenzisa amabizwana anjengokuthi “mina” esikhundleni sokuthi “wena.” Imicabango izwakala kanje: Ngiyafeyila. Ngiyisahluleki. Angikwazi ukwenza lutho kahle. Ngimubi. Imicabango ibukeka njengawe, izwakala njengawe, futhi ngaphambi kokuthi wazi, ucabanga ukuthi inguwe. Yingakho kunzima ukubona amanga. Izwakala njengathi.

Uma kukhulunywa ngesitha, asikho isidingo sokumehlula, kufanele nje siveze iqiniso ngaso. Kodwa okokuqala, kufanele siqaphele amanga ebesizitshela wona.

Ujesu wathi: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” Ukwazi iqiniso likaNkulunkulu okuyosisiza ukuba sibone amanga futhi siwalahle.

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Enough: Silencing Lies That Steal Your Confidence

Ingabe amazwi ekhanda lakho athi awukahle ngokwanele, uhlakaniphe ngokwanele, umuhle ngokwanele...noma awenele, sampela? Umbhali nesikhulumi esidumile uSharon Jaynes udalula amanga akugcina ubanjwe amahloni, ukungavikele...

More

Sithanda ukubonga u-Sharon Jaynes and Harvest House Publishers ngokunikela ngalolu Hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.harvesthousepublishers.com/books/enough-9780736973540

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo