Umthelela wemiBhaloIsampula

The Impact Of Scripture

USUKU 3 KWEZINGU- 15

UmBhalo uyaphila.

Kungakhathaleki ukuthi ulifunda kangaki ivesi elifanayo, isiqephu esifanayo, noma kulo lonke iBhayibheli, uzothola ukwambulelwa kwamaqiniso amasha kanye nokuqonda ongakaze ukubone lapho ngaphambilini. Unkulunkulu usebenzisa iZwi lakhe elilotshiwe ukuze akhulume nathi ngokuqondile namuhla. Lapho uqala isikhathi sakho sokufunda nokutadisha ngesimemo esivela kuNkulunkulu sokukhuluma nawe, singashintsha isimo sakho siqu, izimo, kanye nemizwelo yakho, kube sengathi singena sijule emphefumulweni wakho. Njengenjabulo ongase ube nayo lapho uthola incwadi yomuntu, ebhalwe ngesandla evela kumngane othandekayo, cabanga uNkulunkulu ebhala ikhasi ngalinye njengencwadi yothando eya kubantwana Bakhe.

Yini okudingeka uyizwe kuNkulunkulu? Usidinga kanjani isiqondiso esivela Kuye? Yibuphi ubuhlungu, isono, ukwesaba, ihlazo, noma icala okungenzeka ukuthi kufihlwe ekujuleni komphefumulo wakho lokho iZwi laKhe elingakwembula futhi likuphilise? Njengoba ufunda zindla ngevesi lanamuhla, sebenzisa isikhathi esithile ucela uNkulunkulu ukuthi abhoboze umphefumulo wakho futhi uvumele amandla eZwi Lakhe ukuba akhulume nawe ngokucacile.

Khuluma noNkulunkulu: O Nkulunkulu, ngezinye izikhathi ngizama kanzima ukuvikela inhliziyo yami kunoma ubani obona imicabango nezifiso zami ezingaphakathi, kodwa ngokuzithandela ngivula inhliziyo yami eZwini Lakho. Khuluma empilweni yami. Yembula noma yini kimi ekucasulayo. Ngiyakumema ukuthi ukhulume nami ngezindlela ezintsha njalo uma ngifunda iZwi laKho. Ngegama likaJesu ngiyakhuleka, ameni.
Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

The Impact Of Scripture

Lithini iBhayibheli ngeBhayibheli? Ithini incwadi yasendulo kubantu banamuhla? Lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church Bible luhlola indima engadlalwa umBhalo ekuphileni kwethu kwansuku zonke ngokufundwa kweBhayibheli okuveza ukuthi iZwi likaNkulunkulu liseyiZwi Lakhe kithi namuhla.

More

Lolu hlelo lwasungulwa yi-Life.Church futhi lahunyushelwa kwezinye izilimi ngokubambisana nabahumushi beBhayibheli i-Wycliffe Bible Translators (www.wycliffe.org), okuyinhlangano ezibophezele ekuhlinzekeni ngeZwi likaNkulunkulu emiphakathini esalindile.