Umthelela wemiBhaloIsampula
UmBhalo uyaphatheka.
Siphila esikhathini esihle kangangokuba sokuhlanganyela nemiBhalo. Siyakwazi ukufunda iBhayibheli ngolimi lwethu, kumadivayisi ophathwa ngesandla nomaphi lapho siya khona. Ezizukulwaneni eziningi, abantu baye baba namaBhayibheli agayiwe ababengawaphatha, kodwa ukudlulisela amaBhayibheli endaweni ethile kuya kwenye kungase kubize futhi kube yingozi.
Amavesi anamuhla akhuluma ngokuzindla njalo, ubusuku nemini, yonke indawo lapho uya khona. Emakhulwini eminyaka, ngisho nangaphambi kokuba abantu babe namakhophi emiBhalo ababengawaphatha, imiBhalo yayisaphatheka ngesiko elidluliselwa ngomlomo, ngekhanda, nangokuzindla. Lolo hlobo lokuhlanganyela lungaba namandla kakhulu kunokuba nje nedivayisi ephaketheni lakho noma ukuba khona kwewebhusayithi. Empeleni kuwukuthwala iZwi likaNkulunkulu ngaphakathi kuwe, hhayi kuwe kuphela. Ukuba nalo noma kuphi lapho ukhona, ngaso sonke isikhathi - emzimbeni wakho nakumakhalekhukhwini wakho - kusiza abantu ukuthi bahlanganyele nalo ngokuqinisekile. Kodwa amavesi esiwafundayo namuhla asikhumbuza ukuthi kungemuva kokuba silinake ngempela iZwi likaNkulunkulu, silifake ngaphakathi, sizindle ngalo, futhi sililalele, lapho siyoletha ukuphila nokuphulukiswa emiphefumulweni yethu.
Khuluma noNkulunkulu: Nkosi Nkulunkulu, ngisize ngenze iZwi lakho libe yinto engiyiphethe ngaphakathi kimi, hhayi nje kimi kuphela. Ngiyazibophezela ekuzindleni, ekubambeni ngekhanda, nasekuhlanganyeleni neZwi laKho. Amazwi Akho okuhlakanipha nokuphulukisa enze umsebenzi wawo enhliziyweni yami. Ngegama likaJesu, ameni.

UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Lithini iBhayibheli ngeBhayibheli? Ithini incwadi yasendulo kubantu banamuhla? Lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church Bible luhlola indima engadlalwa umBhalo ekuphileni kwethu kwansuku zonke ngokufundwa kweBhayibheli okuveza ukuthi iZwi likaNkulunkulu liseyiZwi Lakhe kithi namuhla.
More
Lolu hlelo lwasungulwa yi-Life.Church futhi lahunyushelwa kwezinye izilimi ngokubambisana nabahumushi beBhayibheli i-Wycliffe Bible Translators (www.wycliffe.org), okuyinhlangano ezibophezele ekuhlinzekeni ngeZwi likaNkulunkulu emiphakathini esalindile.