Oswald Chambers: Injabulo - Amandla EnkosiniIsampula
![Oswald Chambers: Joy - Strength In The Lord](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F1041%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Injabulo kaJesu yayisekwazini ukuthi wonke amandla emvelo Yakhe ayevumelana noYise kangangokuthi wenza intando kaYise ngenjabulo. Abanye bethu bayephuza ukwenza intando kaNkulunkulu; sikwenza njengokungathi izicathulo zethu ziyinsimbi nomthofu; sikwenza ngokububula okukhulu futhi sibhekise amakhona emilomo yethu phansi, njengokungathi intando Yakhe iyona nto enzima kakhulu emhlabeni. Kodwa lapho intando yethu isilungisiwe futhi ilethwa ekuvumelaneni noNkulunkulu, kuyintokozo, nenjabulo echichima kakhulu, ukwenza intando kaNkulunkulu.
Khuluma nabangcwele ngokuhlupheka bakubuke bemangele. “Ukuhlupheka? Ukuhlupheka kwani?” Ukuhlupheka kuyindaba yokuchazwa. Kwabangcwele kuyinjabulo enkulu kuNkulunkulu; hhayi ukujabula ekuhluphekeni, kodwa uma intando kaNkulunkulu iholela ekuhluphekeni, kukhona injabulo entandweni Yakhe.
Imibuzo Yokuzindla: Kungani ngephuza ukwenza intando kaNkulunkulu? Iyiphi inkolelo engamanga engenza ngicabange ukuthi uNkulunkulu akafuni ngijabule? Ngiye ngayithola nini injabulo yokwenza intando kaNkulunkulu?
Izingcaphuno ezithathwe ku-The Moral Foundations of Life, © Discovery House Publishers

UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
![Oswald Chambers: Joy - Strength In The Lord](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F1041%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Thola ukuhlakanipha kuka-Oswald Chambers, umbhali wencwadi ethi- My Utmost for His Highest, kule ngcebo yolwazi ngenjabulo. Ukufunda ngakunye kufaka izingcaphuno ezivela ku-Chambers kanye nemibuzo ongazindla ngayo. Njengoba ekukhuthaza futhi ekubekela inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli, uzozithola ufuna ukuchitha isikhathi esiningi ukhuluma noNkulunkulu.
More
We would like to thank Discovery House Publishers for providing this plan. For more information, please visit: www.utmost.org