Oswald Chambers: Injabulo - Amandla EnkosiniIsampula
![Oswald Chambers: Joy - Strength In The Lord](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F1041%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
ImiBhalo igcwele iziyalo zokujabula, ukudumisa uNkulunkulu, ukuhlabelela ngokuzwakalayo ngenjabulo; kodwa kuphela lapho umuntu enesizathu sokujabula, sokudumisa, nokuhlabelela ngokuzwakalayo lapho lezi zinto zingenziwa ngempela ngokusuka enhliziyweni. Ezweni lenyama ngokujwayelekile umutnu ogulayo akakubheki kahle ukuphila, kanti nogulayo emphefumulweni ukukhanya kweqiniso nokujabula kuyinto engenakwenzeka. Kuze kube yilapho umphefumulo uphulukiswa kuhlezi kunokwesaba okucashile okuphuca intokozo nenjabulo engakhulumeki uNkulunkulu ayifisela bonke abantwana Bakhe.
Kuphela lapho uNkulunkulu ethatha ukuphila esandleni lapho kungaba khona ukukhululwa ekudumazekeni. Ukuphila ngokuthula nenjabulo yentethelelo nomusa kaNkulunkulu ukuphela kwento engaletha ukujabula.
Imibuzo Yokuzindla: Siyini isizathu sami sokujabula? Ikuphi ukugula engiye ngelapheka kukho—okwenyama noma okungokomoya? Ikuphi ukudikibala engikhululwe kukho? Ngikhululwe kukuphi ukwesaba?
Izingcaphuno ezithathwe ku-Workmen of God, © Discovery House Publishers

UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
![Oswald Chambers: Joy - Strength In The Lord](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F1041%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Thola ukuhlakanipha kuka-Oswald Chambers, umbhali wencwadi ethi- My Utmost for His Highest, kule ngcebo yolwazi ngenjabulo. Ukufunda ngakunye kufaka izingcaphuno ezivela ku-Chambers kanye nemibuzo ongazindla ngayo. Njengoba ekukhuthaza futhi ekubekela inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli, uzozithola ufuna ukuchitha isikhathi esiningi ukhuluma noNkulunkulu.
More
We would like to thank Discovery House Publishers for providing this plan. For more information, please visit: www.utmost.org