Oswald Chambers: Injabulo - Amandla EnkosiniIsampula
![Oswald Chambers: Joy - Strength In The Lord](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F1041%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Usolomoni wayenakho konke umuntu angaba nakho ekuphileni, wayenazo zonke izindlela zokuzanelisa; wazama indlela wobulwane, indlela ephakeme, indlela yobuhle, indlela yobuhlakani kodwa, uthi, awukwazi ukuthola injabulo yakho engapheli kukho. Injabulo itholakala kuphela ebudlelwaneni bakho noNkulunkulu ngenkathi uphila kulo mhlaba, umhlaba owaphuma kuwo kanye nomhlaba obuyela kuwo. Uthuli luyisici esihle kakhulu kumuntu, ngoba kulo kufanele kubonakale inkazimulo kaNkulunkulu.
Okudalwe nguNkulunkulu kuyaneliseka kuNkulunkulu, kodwa kuze kube yilapho sesimazi Yena kunento enhle endalweni yakhe esishayela indiva. Uma sesimqonda uNkulunkulu siba nokujabulela indalo Yakhe njengoba kunjalo kuYena. Umntwana ujabulela lokho okudalwe nguNkulunkulu, yonke into iyamangalisa kuye.
Imibuzo Yokuzindla: Yini enye engicabanga ukuthi ngiyayidinga ukuze ngithole injabulo? Kusho ukuthini ukujabulela indalo kaNkulunkulu? Kungani ngithi uthuli luyisiqalekiso kunesibusiso na?
Izingcaphuno ezithathwe kwethi Still Higher for His Highest futhi nethi- God's Workmanship, © Discovery House Publishers

UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
![Oswald Chambers: Joy - Strength In The Lord](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F1041%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Thola ukuhlakanipha kuka-Oswald Chambers, umbhali wencwadi ethi- My Utmost for His Highest, kule ngcebo yolwazi ngenjabulo. Ukufunda ngakunye kufaka izingcaphuno ezivela ku-Chambers kanye nemibuzo ongazindla ngayo. Njengoba ekukhuthaza futhi ekubekela inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli, uzozithola ufuna ukuchitha isikhathi esiningi ukhuluma noNkulunkulu.
More
We would like to thank Discovery House Publishers for providing this plan. For more information, please visit: www.utmost.org