Oswald Chambers: Injabulo - Amandla EnkosiniIsampula

Kuhlale kulula ukungamnaki owesilisa noma owesifazane owamukela ngamabomu inhloso yokuphila kwakhe evela eNkosini uJesu. Abaningi bethu balingisi abanye abantu; senza umsebenzi wobuKristu ngoba othile usicelile ukuba siwenze. kufanele samukele inkonzo yethu, efakazela ivangeli lomusa kaNkulunkulu, kuJesu Kristu uqobo, hhayi kwamanye amaKristu. Injabulo iwumphumela wokugcwaliseka okuphelele kwalokho umuntu adalelwe kona. kuyadingeka njalo ukuthi sibuyele kulokho iTestamente Elisha elisicela ukuba sikwamukele ngathi. Ubizo lwethu lokuqala olwamukelekayo akukona ukusiza abantu, kodwa ukulalela uNkulunkulu, futhi uma samukela lolo bizo singena ebudlelwaneni nabadelelekile nabanganakwa.
Unkulunkulu useduze kakhulu futhi unamandla amakhulu kangangokuthi ngiya ngiba nenjabulo eyengeziwe ekuthembeleni kwami Kuye futhi ngiqikelele kancane kancane indlela engizizwa ngayo.
Imibuzo Yokuzindla: Ingabe ngiyabalingisa abanye abantu ukuze ngigweme ukuzitholela eyami inkonzo? Yibuphi ubufakazi uNkulunkulu anginike bona, enganikwanga omunye? imuphi umlayezo wenjabulo uNkulunkulu anginike wona ukuba ngiwumemezele? Izingcaphuno ezithathwe ku-Psychology of Redemption and Run Today's Race, © Discovery House Publishers

UmBhalo
Mayelana naloluHlelo

Thola ukuhlakanipha kuka-Oswald Chambers, umbhali wencwadi ethi- My Utmost for His Highest, kule ngcebo yolwazi ngenjabulo. Ukufunda ngakunye kufaka izingcaphuno ezivela ku-Chambers kanye nemibuzo ongazindla ngayo. Njengoba ekukhuthaza futhi ekubekela inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli, uzozithola ufuna ukuchitha isikhathi esiningi ukhuluma noNkulunkulu.
More
We would like to thank Discovery House Publishers for providing this plan. For more information, please visit: www.utmost.org