Oswald Chambers: Injabulo - Amandla EnkosiniIsampula

Oswald Chambers: Joy - Strength In The Lord

USUKU 3 KWEZINGU- 30

Lapho abantu besuka eBhayibhelini, uNkulunkulu kumane abe yigama elinikezwe imikhuba evamile eqhubekisela phambili okuthandwa ngabantu—ukuthi uNkulunkulu noJesu Kristu kanye noMoya oNgcwele bahloselwe ukusibusisa, ukufeza lokhu esikuthandayo. Uma sifika eTestamenteni Elisha sithola impela umqondo ophambene, wokuthi ngokuzalwa kabusha silethwa ekuthuleni nasebunyeni obunjalo noNkulunkulu kangangokuthi sibona ngenjabulo enkulu ukuthi sihloselwe ukwenza okufunwa Nguye.

Uma sihlala ekukhanyeni noNkulunkulu, ukuphila kwethu kunjengokomntwana, kulula futhi kugcwele injabulo ngaso sonke isikhathi. Kuyanele ingane ukuba yazi ukuthi uyise uyifisela ukuba yenze izinto ezithile futhi ifunda ukuthola amandla amakhulu kunawayo.

Imibuzo Yokuzindla: Ingabe ngisebenzisa uNkulunkulu ukuze ngiqhubekisele phambili izifiso zami noma ingabe ngikhonza uNkulunkulu ukuze ngithuthukise owakhe? Ingabe ngisebenzisa iBhayibheli ukuze ngibonise ukuthi ngiqinisile noma ukuze ngithole lapho nginephutha khona? Ngiyajabula yini ukuthola lapho ngingalungile khona ukuze ngilungiswe?

Izingcaphuno ezithathwe ku-The Philosophy of Sin, © Discovery House Publishers
Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Oswald Chambers: Joy - Strength In The Lord

Thola ukuhlakanipha kuka-Oswald Chambers, umbhali wencwadi ethi- My Utmost for His Highest, kule ngcebo yolwazi ngenjabulo. Ukufunda ngakunye kufaka izingcaphuno ezivela ku-Chambers kanye nemibuzo ongazindla ngayo. Njengoba ekukhuthaza futhi ekubekela inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli, uzozithola ufuna ukuchitha isikhathi esiningi ukhuluma noNkulunkulu.

More

We would like to thank Discovery House Publishers for providing this plan. For more information, please visit: www.utmost.org