KwabaseRoma 4:2-5
KwabaseRoma 4:2-5 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba uma u-Abrahama walungisiswa ngemisebenzi, unakho ukuzibonga; kodwa hhayi phambi kukaNkulunkulu. Ngoba uthini umbhalo? U-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga. Kepha kosebenzayo umvuzo awubalwa ngokomusa, kodwa ngokwesikweletu. Kepha kongasebenziyo, kodwa ekholwa kuye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalwa ukuthi kungukulunga.
KwabaseRoma 4:2-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba uma u-Abhrahama walungisiswa ngemisebenzi, unokuzigabisa, kodwa hhayi phambi kukaNkulunkulu. Kanti umbhalo uthini na? Uthi: “Kepha u-Abhrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye kwaba ngukulunga.” Kodwa kumuntu osebenzayo, umholo awutholayo awubalelwa kuye ngokomusa, kodwa njengemfanelo yakhe. Kepha kulowo ongasebenziyo, nokho ekholwa yilowo olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa kuye, kube ngukulunga.
KwabaseRoma 4:2-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba uma u-Abrahama walungisiswa ngemisebenzi, unakho ukuzibonga; kodwa phambi kukaNkulunkulu qha. Ngokuba umbhalo uthini na? Uthi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwambalelwa ukuthi kungukulunga.” Kepha kosebenzayo umvuzo awubalelwa ngokomusa kodwa ngokwemfanelo; kepha kongasebenziyo, kodwa ekholwa nguye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa yena ukuthi kungukulunga
KwabaseRoma 4:2-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)