KwabaseRoma 4:2-5

KwabaseRoma 4:2-5 ZUL59

Ngokuba uma u-Abrahama walungisiswa ngemisebenzi, unakho ukuzibonga; kodwa phambi kukaNkulunkulu qha. Ngokuba umbhalo uthini na? Uthi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwambalelwa ukuthi kungukulunga.” Kepha kosebenzayo umvuzo awubalelwa ngokomusa kodwa ngokwemfanelo; kepha kongasebenziyo, kodwa ekholwa nguye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa yena ukuthi kungukulunga

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 4:2-5