KwabaseRoma 4:2-5

KwabaseRoma 4:2-5 ZUL20

Ngokuba uma u-Abhrahama walungisiswa ngemisebenzi, unokuzigabisa, kodwa hhayi phambi kukaNkulunkulu. Kanti umbhalo uthini na? Uthi: “Kepha u-Abhrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye kwaba ngukulunga.” Kodwa kumuntu osebenzayo, umholo awutholayo awubalelwa kuye ngokomusa, kodwa njengemfanelo yakhe. Kepha kulowo ongasebenziyo, nokho ekholwa yilowo olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa kuye, kube ngukulunga.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 4:2-5