KwabaseRoma 4

4
KwabaseRoma 4
1Ngakho siyakuthi u-Abrahama ubaba wethu ufumeneni ngokwenyama na?
2Ngokuba uma u-Abrahama walungisiswa ngemisebenzi, unakho ukuzibonga; kodwa hhayi phambi kukaNkulunkulu.
3Ngoba uthini umbhalo? U-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga.
4Kepha kosebenzayo umvuzo awubalwa ngokomusa, kodwa ngokwesikweletu.
5Kepha kongasebenziyo, kodwa ekholwa kuye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalwa ukuthi kungukulunga.
6Njengoba laye uDavida ekhuluma ngokubusiswa komuntu, uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi;
7esithi: Babusisiwe abathethelelwe iziphambeko zabo, lalabo izono zabo zisitshekelwe.
8Ubusisiwe umuntu iNkosi engayikubalela isono.
9Ngakho-ke lokhu kubusiswa kuphezu kwabasokileyo noma nakwabangasokile na? ngoba sithi: Ukukholwa kwabalelwa kuAbrahama ukuthi kungukulunga.
10Pho kwabalwa njani? Lapho esokile, noma ekungasokini? Hhayi ekusokeni, kodwa ekungasokini.
11Wasesemukela isibonakaliso sokusoka, uphawu lokulunga kokukholwa ayelakho engakasoki, ukuze abe nguyise wabo bonke abakholwayo lanxa bengasokile; ukuze ukulunga kubalelwe nakubo;
12noyise wokusoka kwabangasibo abokusoka kuphela, kodwa abahamba futhi ezinyathelweni zokholo lukababa wethu u-Abrahama ayenalo engakasoki.
13Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asifikanga ku-Abrahama nenzalo yakhe ngomthetho, kodwa ngokulunga kokukholwa.
14Ngokuba uma abomthetho kuyizindlalifa, ukukholwa kwenziwe ize, nesithembiso senziwe ize;
15Ngokuba umthetho uveza ulaka, ngokuba lapho okungekho umthetho khona, akukho ukweqa.
16Ngakho-ke kungokholo, ukuze kube ngomusa; ukuze isithembiso siqiniseke kuyo yonke inzalo; kungeyisikho lokho okungokomthetho kuphela, kodwa nakulokho okungokukholwa kuka-Abrahama; ongubaba wethu sonke.
17(Njengokulotshiweyo ukuthi: Ngikumisile ube nguyise wezizwe ezinengi), phambi kwalowo akholwayo, uNkulunkulu, ophilisa abafileyo, njalo obiza izinto ezingekho njengokungathi zikhona.
18Owathi ngaphandle kwethemba wakholwa ngethemba, ukuze abe nguyise wezizwe eziningi, njengalokho okwashiwoyo ukuthi: Iyakuba njalo inzalo yakho.
19Ngokuba engabuthakathaka ekukholweni, akawunakanga umzimba wakhe owawusufile, eseneminyaka engaba yikhulu, noma ukufa kwesizalo sikaSara;
20Akabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa; kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo;
21Eqiniseka ngokugcwele ukuthi lokho akuthembisile unamandla futhi nokukwenza.
22Ngakho-ke kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga.
23Kepha akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa kuye;
24Kodwa nakithi, esizakubalelwa, uma sikholwa kuye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo;
25owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wabuye wavuswa ukuze silungisiswe.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseRoma 4: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo