KwabaseRoma 3

3
KwabaseRoma 3
1Khona-ke umJuda unanzuzoni na? Kusizani ukusoka?
2Kuningi ngezindlela zonke; okokuqala, ngokuba baphathiswa amazwi kaNkulunkulu kubo.
3Ngokuba kuthiwani uma abanye bengakholwanga? Ukungakholwa kwabo kuyakwenza ize ukukholwa kukaNkulunkulu na?
4Makube njalo! njengokulotshiweyo ukuthi: Ukuze uthiwe ulungile emazwini akho, njalo unqobe ekwahlulelweni kwakho.
5Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, siyakuthini na? UNkulunkulu ungalungile yini ophindiselayo? (Ngikhuluma njengendoda.)
6Makube njalo, ngokuba uma kunjalo uNkulunkulu uyakulahlulela kanjani izwe na?
7Ngokuba uma iqiniso likaNkulunkulu lavama kakhulu ngamanga ami kube yinkazimulo yakhe; ngisagwetshelwani mina njengesoni na?
8Njalo kungabi njengalokhu sihletshwa, lanjengoba abanye bathi sithi: Asenze okubi, ukuze kuvele okuhle? ukulahlwa kwabo kungukulunga.
9Pho? thina singcono kunabo na? Qha, nakanye; ngokuba sesiwabonisile ngaphambili amaJuda nabezizwe ukuthi bonke baphansi kwesono;
10njengokulotshiweyo ukuthi: Kakho olungileyo, hatshi loyedwa;
11akakho oqondayo, akakho ofuna uNkulunkulu.
12Baphambukile bonke, basebeyize kanyekanye; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.
13Umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; ngolimi lwabo basebenzisa inkohliso; ubuthi bezinyoka buphansi kwezindebe zabo;
14abamlomo wabo ugcwele ukuqalekisa nokubaba;
15Izinyawo zabo ziyashesha ukuchitha igazi;
16Ukubhujiswa nosizi kusezindleleni zabo;
17Nendlela yokuthula abayazanga;
18Ukwesaba uNkulunkulu akukho phambi kwamehlo abo.
19Khathesi siyazi ukuthi konke okutshoyo umlayoukutsho kwabangaphansi komlayo, ukuze yonke imilomo ivinjwe, lokuthi umhlaba wonke ube lecala phambi kukaNkulunkulu.
20Ngakho-ke ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe, ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.
21Kodwa khathesi-ke sekubonakalisiwe ukulunga kukaNkulunkulu ngaphandle komlayo, kufakazelwa ngumlayo labaprofethi;
22Ngisho ukulunga kukaNkulunkulu okungokukholwa kuJesu Kristu kubo bonke naphezu kwabo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko;
23Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu;
24belungisiswa ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu;
25ammisileyo uNkulunkulu, abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngenxa yokuthethelelwa kwezono ezenziwe ngaphambili, ngokubekezela kukaNkulunkulu;
26ukuze kubonakaliswe ukulunga kwakhe kulesi sikhathi, ukuze abe ngolungileyo, amlungisise okholwa nguJesu.
27Kuphi-ke ukuzibonga na? Ayifakiwe. Ngamuphi umthetho? wemisebenzi? Hatshi, kodwa ngomthetho wokukholwa.
28Ngakho siphetha ngokuthi umuntu ulungisiswa ngokholo ngaphandle kwemisebenzi yomthetho.
29Kambe unguNkulunkulu wabaJuda kuphela? Akasiye yini nowabezizwe? Yebo, nakwabezizwe:
30lokhu uNkulunkulu emunye, ozalungisisa abasokileyo ngokukholwa, lokungasoki ngokholo.
31Ngakho siyawenza ize umthetho ngokukholwa na? makube njalo; yebo, siyawuqinisa umthetho.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseRoma 3: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo