KwabaseRoma 11:28-32
KwabaseRoma 11:28-32 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Okwevangeli bayizitha ngenxa yenu; Ngokuba izipho nokubiza kukaNkulunkulu akukhona ukuphenduka. Ngoba njengalokhu lani kade lingamkholwa uNkulunkulu, kodwa khathesi selihawukelwe ngenxa yokungakholwa kwabo; Ngokunjalo nalaba manje abakholwanga, ukuze ngesihawu sakho nabo bahawukelwe. Ngoba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungakholweni, ukuze abe lesihawu kibo bonke.
KwabaseRoma 11:28-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokwevangeli, bayizitha ngenxa yenu, kodwa ngokukhethwa, bangabathandekayo ngenxa yokhokho babo. Ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho. Ngokuba njengalokhu nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kodwa manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabezizwe. Kanjalo manje laba abalalelanga, ukuze kuthi ngesihawu enenzelwe sona, nabo bahawukelwe manje. Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.
KwabaseRoma 11:28-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokwevangeli bayizitha ngenxa yenu, kepha ngokukhethwa bangabathandiweyo ngenxa yawokhokho, ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho. Ngokuba njengalokho nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kepha manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabo, kanjalo nalaba kalokhu abalalelanga, ukuze ngomusa enenzelwe wona nabo bahawukelwe manje. Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.
KwabaseRoma 11:28-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)