KwabaseRoma 11

11
Insali Ka-Israyeli Yasindiswa
1 Ngalokho-ke ngithi: ngabe uNkulunkulu usilahlile yini isizwe sakhe na? Qha nakanye, ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abhrahama, wesizwe sakwaBhenjamini. 2 UNkulunkulu akasilahlile isizwe sakhe ayesazi phambilini. Kanti anazi yini ukuthi uthini umbhalo ngo-Eliya lapho enxusa uNkulunkulu emelene no-Israyeli na? 3 Uthi: “Nkosi, bababulele abaphrofethi bakho, badiliza ama-althare akho; kusele mina ngedwa, sebefuna ukungibulala nami.”
4 Kepha ithini impendulo kaNkulunkulu kuye na? Ithi: “Ngizishiyele amadoda ayizi-7 000 angazange amkhothamele uBhali.”
5 Kanjalo nangalesi sikhathi samanje ikhona insali ekhethwe ngokomusa. 6 Kepha uma kungokomusa, akusayi ngemisebenzi; ngokuba uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.
7 Pho kwenzekani na? Lokhu u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kodwa kwatholwa ngabakhethiweyo, abanye benziwa baba lukhuni, 8 njengalokhu kulotshiwe ukuthi:
“UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo obunzulu,
namehlo okungaboni,
nezindlebe ezingezwa,
kuze kube lusuku lwanamuhla.”
9 NoDavide uthi:
“Itafula labo malibe yisihibe nogibe,
nesikhubekiso nempindiselo kubo;
10amehlo abo mawafiphazwe ukuze angaboni;
kuthi umhlane wabo uqhothe njalo.”
Insindiso Ifinyelela Kwabezizwe
11 Ngakho-ke ngithi: abakhubekanga ukuze bawe na? Qha akunjalo; kepha ngesiphambeko sabo, insindiso ifinyelele kwabezizwe ukuze kuvuswe isikhwele kubo. 12 Uma-ke isiphambeko siletha ingcebo emhlabeni, nokwehluleka kwabo kuletha ingcebo kwabezizwe, kuyoba kangakanani ngokuphelela kwabo.
13 Ngikhuluma kini nina bezizwe, njengokuba ngingumphostoli kwabezizwe, ngidumisa umsebenzi wami, 14uma nje kungenzeka ukuba ngivuse isikhwele kulabo abangabesizwe sakithi, ngisindise abanye babo. 15 Ngokuba uma ukulahlwa kwabo kulethe ukubuyisana emhlabeni, pho ukwamukelwa kwabo kuyakulethani uma kungesikho ukuphila kwabafileyo na? 16 Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, anjalo namagatsha.
17 Kepha uma amanye amagatsha anqunywa, kwase kuthi wena oyigatsha lesihlahla somnqumo wasendle wafakwa phakathi kwawo ukuze uhlanganyele engcebeni yempande yomnqumo; 18 ungazigabisi phezu kwamagatsha. Kepha uma uzigabisa, khumbula ukuthi akunguwe othwele impande, kodwa yimpande ethwele wena. 19Wena uzakuthi: “Amagatsha anqunywa ukuze kuxhunywe mina esiqwini na?”
20 Kulungile, anqunywa ngenxa yokungakholwa, kodwa wena umi ngokukholwa. Ngakho-ke ungazikhukhumezi, kodwa yesaba. 21Ngokuba uma uNkulunkulu engawayekanga amagatsha emvelo, mhlawumbe nawe akayukukuyeka.
22 Ngakho-ke bhekani ubumnene nobunzima besandla sikaNkulunkulu kulabo abawa kanzima; kodwa bukuwe ubumnene bukaNkulunkulu, inqobo nje uma uhleli ebubeleni bakhe; nxa kungenjalo, nawe uzakunquma. 23 Nakulabo abanye uma bengaqhubekanga abangakholwa, nabo bayakuxhunywa, ngokuba uNkulunkulu unamandla okubaxhuma futhi esiqwini. 24Phela uma wena wanqunywa kulokho ngokwemvelo yakho okungumnqumo wasendle, kwathi ngokuphambene nemvelo waxhunywa emnqumweni otshaliwe, pho kuyoba kangakanani nxa sekuxhunywa esiqwini sakubo labo abangumnqumo ngokwemvelo.
Ngokukholwa Kwabezizwe Abakwa-Israyeli Bayakubuyiswa
25 Bazalwane, angithandi ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo: yazini ukuthi u-Israyeli usenziwe waba lukhuni okwamanje, kuze kupheleliswe isibalo sabezizwe. 26 Kanjalo u-Israyeli wonke uyakusindiswa, njengalokhu kulotshiwe ukuthi:
“Kuyakuvela uMhlangulisi eZiyoni,
asuse ukungalungi kuJakobe.
27 Lesi yisivumelwano sami nabo,
lapho ngizisusa izono zabo.”
28Ngokwevangeli, bayizitha ngenxa yenu, kodwa ngokukhethwa, bangabathandekayo ngenxa yokhokho babo. 29 Ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho. 30 Ngokuba njengalokhu nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kodwa manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabezizwe. 31Kanjalo manje laba abalalelanga, ukuze kuthi ngesihawu enenzelwe sona, nabo bahawukelwe manje. 32 Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke. 33 Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo! 34 Ngokuba:
“Ngubani owawazi umqondo weNkosi na?
Ngubani owaba ngumeluleki wayo na?”
35 Noma-ke:
“Ngubani owaqala ukuyipha
ukuze kubuyiselwe kuye na?”
36 Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kubuyela kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseRoma 11: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo