KwabaseRoma 11:28-32

KwabaseRoma 11:28-32 ZUL20

Ngokwevangeli, bayizitha ngenxa yenu, kodwa ngokukhethwa, bangabathandekayo ngenxa yokhokho babo. Ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho. Ngokuba njengalokhu nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kodwa manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabezizwe. Kanjalo manje laba abalalelanga, ukuze kuthi ngesihawu enenzelwe sona, nabo bahawukelwe manje. Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.