KwabaseRoma 11:28-32

KwabaseRoma 11:28-32 ZUL59

Ngokwevangeli bayizitha ngenxa yenu, kepha ngokukhethwa bangabathandiweyo ngenxa yawokhokho, ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho. Ngokuba njengalokho nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kepha manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabo, kanjalo nalaba kalokhu abalalelanga, ukuze ngomusa enenzelwe wona nabo bahawukelwe manje. Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo