Kwabase Roma 11

11
KwabaseRoma 11
1Ngakho ngithi: UNkulunkulu ubalahlile abantu bakhe na? UNkulunkulu akakuvumeli. Ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abrahama, wesizwe sakwaBenjamini.
2UNkulunkulu akabalahlanga abantu bakhe ayebazi ngaphambili. Anazi yini ukuthi umbhalo uthini ngo-Eliya na? ukuthi umncenga kanjani uNkulunkulu ngoIsrayeli, ethi:
3Nkosi, bababulele abaprofethi bakho, badilizile ama-altare akho; mina ngisele ngedwa, sebefuna ukuphila kwami.
4Kodwa ithini impendulo kaNkulunkulu kuye? Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga kuBhali.
5Kanjalo namanje kukhona insali ngokokhetho lomusa.
6Uma kungomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa. kepha uma kuya ngemisebenzi, akuseyiwo umusa; uma kungenjalo umsebenzi awusewumsebenzi.
7Pho? U-Israyeli akakutholanga lokho abekufuna; kodwa abakhethiweyo bakuthola, labanye baphuphuthekiswa,
8njengokulotshiweyo ukuthi: UNkulunkulu ubaphile umoya wobuthongo, amehlo ukuze bangaboni, lezindlebe ukuze bangezwa, kuze kube lamuhla.
9NoDavide uthi: “Itafula labo malibe ngumjibila, nesihibe, nesikhubekiso, nembuyiselo kubo;
10Amehlo abo mawabe mnyama, ukuze bangaboni, futhi ugobe umhlane wabo njalo.
11Ngakho ngithi: Bakhubeka ukuze bawe yini? makube njalo, kepha ngesiphambeko sabo insindiso ifikile kwabezizwe, ukubavusela umona.
12Uma isiphambeko sabo siyingcebo yezwe, nokuncipha kwabo kuyingcebo kwabezizwe; kakhulu kangakanani ukugcwala kwazo?
13Ngokuba ngikhuluma kini nina bezizwe, lokhu ngingumphostoli wabezizwe, ngiphakamisa isikhundla sami;
14uma mhlawumbe ngingabavusela umona abenyama yami, ngisindise abanye kubo.
15Ngokuba uma ukulahlwa kwabo kungukubuyiswa komhlaba, ukwamukelwa kwabo kuyakuba yini, uma kungesikho ukuphila kwabafileyo na?
16Ngokuba uma ulibo lungcwele, nenhlama ingcwele; uma impande ingcwele, namagatsha anjalo.
17Uma amanye amagatsha aphulwa, wena-ke ongumnqumo wasendle waxhunyelelwa kuwo, uhlanganyele kanye nawo empandeni yokukhuluphala komnqumo;
18Ungaziphakamisi phezu kwamagatsha. Kepha uma uzincoma, akuwena othwele impande, kodwa impande nguwe.
19Uyakuthi-ke: Amagatsha aphulwa, ukuze mina ngixhunyelelwe.
20Yebo; ngenxa yokungakholwa aphulwa, wena umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kodwa yesaba;
21Ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga amagatsha emvelo, funa akuyeke nawe.
22Ngakho bheka ububele nobukhali bukaNkulunkulu: ubukhali kulabo abawayo; kodwa kuwe ububele, uma uqhubeka ebuhleni bakhe;
23Nabo-ke, uma bengahlali ekungakholweni, bayakufakelwa, ngokuba uNkulunkulu unamandla okubuye abaxhume.
24Ngokuba uma wena wanqunywa emnqumweni wasendle ngokwemvelo, waxhunyelelwa esihlahleni somnqumo omuhle ngokuphambene nemvelo, kakhulu kangakanani labo abangabemvelo bayakuxhunyelelwa esihlahleni sabo somnqumo na?
25Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo; ukuthi ukuphuphutheka kwehlele uIsrayeli ngokwengxenye, kuze kungene ukugcwala kwabezizwe.
26ngokunjalo wonke uIsrayeli uyakusindiswa, njengokulotshiweyo ukuthi: Kuzavela eSiyoni uMkhululi, asuse ukungahloniphi uNkulunkulu kuJakobe;
27Ngokuba lesi yisivumelwano sami nabo, lapho ngisusa izono zabo.
28Okwevangeli bayizitha ngenxa yenu;
29Ngokuba izipho nokubiza kukaNkulunkulu akukhona ukuphenduka.
30Ngoba njengalokhu lani kade lingamkholwa uNkulunkulu, kodwa khathesi selihawukelwe ngenxa yokungakholwa kwabo;
31Ngokunjalo nalaba manje abakholwanga, ukuze ngesihawu sakho nabo bahawukelwe.
32Ngoba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungakholweni, ukuze abe lesihawu kibo bonke.
33Yeka ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka ukuthi aziphenyeki kanjani izahlulelo zakhe, nezindlela zakhe aziphenyeki!
34Ngokuba ngubani owazi umqondo weNkosi na? Ngubani obe ngumeluleki wakhe na?
35Kumbe ngubani owamnika kuqala, njalo uzabuye abuyiselwe kuye?
36Ngokuba konke kuvela kuye, ngaye, kuye, makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.

Okuqokiwe okwamanje:

Kwabase Roma 11: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo