Kwabase Roma 12

12
KwabaseRoma 12
1Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda.
2Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu enhle, neyamukelekayo, nepheleleyo.
3Ngoba ngomusa engiwuphiweyo, ngithi kuwo wonke umuntu ophakathi kwenu ukuthi angazicabangeli ngaphezu kwalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.
4Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye;
5Kanjalo thina esibaningi singumzimba munye kuKristu, futhi wonke amalungu omunye komunye.
6Ngakho-ke silezipho ezehlukene ngokomusa esiwuphiweyo, noma ukuprofetha, asiprofethe ngokwesilinganiso sokukholwa;
7Noma inkonzo, masihlale enkonzweni yethu;
8noma owalayo, ekuyaleni; obusa ngenkuthalo; ohawukelayo, makehle ngokwenama.
9Uthando kalungabi lokuzenzisa. Yenyanya okubi; namathelani kokuhle.
10Thandanani okuhle omunye komunye ngothando lobuzalwane; ekuhlonipheni nikhethe omunye komunye;
11Lingavilaphi emsebenzini; ovuthayo emoyeni; ukukhonza iNkosi;
12Jabulani ethembeni; ubekezele osizini; niqinise emthandazweni;
13Yabelani abangcwele ekuswelekeni; emukela izihambi.
14Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.
15Jabulani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.
16Yibani nomqondo munye omunye komunye. Ningagxili ezintweni eziphakeme, kodwa zehliseni kwabaphansi. Ningahlakaniphi ngokwenu.
17Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto eziqotho phambi kwabantu bonke.
18Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, hlalani ngokuthula nabantu bonke.
19Bathandekayo, ningaziphindiseli nina, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela; ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.
20Ngakho-ke uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho uyakubuthela amalahle omlilo ekhanda laso.
21Unganqotshwa okubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.

Okuqokiwe okwamanje:

Kwabase Roma 12: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo