IsAmbulo 14:1-2
IsAmbulo 14:1-2 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngase ngibona, bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama likaYise lilotshwe emabunzini abo. Ngasengisizwa ilizwi livela ezulwini, linjengelizwi lamanzi amanengi, lelizwi lokuduma okukhulu, ngezwa ilizwi labahlabeleli bebetha amahabhu abo
IsAmbulo 14:1-2 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngabona: nanto iWundlu limi entabeni iZiyoni, likanye nabayizi-144 000, belotshiwe igama lalo negama likaYise emabunzini abo. Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, linjengezwi lokuhlokoma kwamanzi amaningi, nanjengomsindo wokuduma okukhulu. Izwi engalizwa lalifana nokubethwa kwamahabhu, ebethwa ngababethi bawo.
IsAmbulo 14:1-2 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngase ngibona; bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama lalo negama likaYise lilotshwe emabunzini abo. Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, linjengezwi lamanzi amaningi nanjengezwi lokuduma okukhulu; nezwi engalizwayo lalinjengelababetha amahabhu,* bebetha amahabhu abo.
IsAmbulo 14:1-2 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)