ISambulo 14

14
IWundlu Nababekwe Uphawu LukaNkulunkulu Bemi Entabeni IZiyoni
1 Ngabona: nanto iWundlu limi entabeni iZiyoni, likanye nabayizi-144 000, belotshiwe igama lalo negama likaYise emabunzini abo. 2 Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, linjengezwi lokuhlokoma kwamanzi amaningi, nanjengomsindo wokuduma okukhulu. Izwi engalizwa lalifana nokubethwa kwamahabhu, ebethwa ngababethi bawo. 3 Bahlabelela kwangathi yigama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine namalunga, kodwa akubanga bikho noyedwa owaba namandla okufunda lelo culo, kuphela abayizi-144 000 ababehlengwe emhlabeni. 4 Laba, yilabo abangangcoliswanga ngabesifazane, ngokuba bayizindela. Laba yibo abalandela iWundlu noma kuphi lapho laliya khona. Laba bathengwa ebantwini ukuba babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu, 5 okungafunyanwanga manga emlonyeni wabo; bengenasici.
Izingelosi Ezintathu Nevangeli Eliphakade
Ingelosi Yokuqala
6Ngabona futhi enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli eliphakade, eyakulishumayela kulabo abahleli emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, imindeni, izilimi nabantu. 7 Yasho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike udumo, ngokuba ihora lokwehlulela kwakhe selifikile. Mkhonzeni lowo owadala izulu, umhlaba ulwandle, nemithombo yamanzi.”
Ingelosi Yesibili
8 Kwalandela futhi enye ingelosi yesibili, ithi: “Liwile, liwile iBhabhiloni elikhulu, eliphuzise izizwe zonke iwayini lezinkanuko nobufebe balo.”
Ingelosi Yesithathu
9Kwabuye kwalandela futhi enye ingelosi yesithathu yamemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Uma kukhona okhonza isilo nomfanekiso waso, nofumene futhi uphawu ebunzini lakhe noma esandleni sakhe, 10 naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe lingaxutshiwe, lathanjiswa esitsheni solaka lwakhe, uyakuhlushwa ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu. 11Intuthu yokuhlushwa kwabo iyenyuka kuze kube phakade naphakade. Abasenakuphumula imini nobusuku labo abakhonza isilo nesithombe saso, nakulabo abemukele uphawu lwegama laso.”
12Nakhu ukubekezela kwabangcwele abagcina imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa nguJesu.
13 Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: babusisiwe abafileyo abafele eNkosini, kusukela manje.”
“Yebo,” kusho uMoya, “ukuze baphumule emisebenzini yabo, ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”
Izingelosi Ezimbili Zokuvuna
14 Ngabona futhi: nanto ifu elimhlophe, phezu kwalo kuhleli ofana neNdodana yomuntu enomqhele wegolide ekhanda lakhe, ephethe isikela elibukhali esandleni sakhe. 15 Enye ingelosi yaphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu, ithi kohleli phezu kwefu: “Sebenzisa isikela lakho, uvune, ngokuba isikhathi sokuvuna sesifikile, futhi isivuno somhlaba sesilungile.”
16Ohlezi phezu kwefu waliphonsa isikela emhlabeni; wawusuvunwa umhlaba.
17Enye ingelosi yaphuma futhi ethempelini elisezulwini, nayo iphethe isikela elibukhali. 18Nenye yaphuma futhi e-althare, inegunya phezu komlilo, yamemeza ngezwi elikhulu kuleyo ephethe isikela elibukhali, ithi: “Sika ngesikela lakho elibukhali, ubuthe amahlukuzo omvini omhlaba, ngokuba amahlukuzo amagilebhisi asevuthiwe.”
19 Ingelosi yaliphonsa isikela layo emhlabeni, yawuvuna umvini womhlaba, yawuphonsa esikhamweni sewayini, solaka olukhulu lukaNkulunkulu. 20Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi, kwaphuma igazi esikhamweni, laze lafika ematomini amahhashi, laqeda amastadiyu ayi-1 600.

Okuqokiwe okwamanje:

ISambulo 14: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume