ISambulo 14:1-2

ISambulo 14:1-2 ZUL20

Ngabona: nanto iWundlu limi entabeni iZiyoni, likanye nabayizi-144 000, belotshiwe igama lalo negama likaYise emabunzini abo. Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, linjengezwi lokuhlokoma kwamanzi amaningi, nanjengomsindo wokuduma okukhulu. Izwi engalizwa lalifana nokubethwa kwamahabhu, ebethwa ngababethi bawo.