IsAmbulo 14

14
IsAmbulo 14
1Ngase ngibona, bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama likaYise lilotshwe emabunzini abo.
2Ngasengisizwa ilizwi livela ezulwini, linjengelizwi lamanzi amanengi, lelizwi lokuduma okukhulu, ngezwa ilizwi labahlabeleli bebetha amahabhu abo;
3Bahlabelela kungathi ihubo elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine eziphilayo, namalunga; kwakungekho owayengasifunda lelo ngoma, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abahlengiwe emhlabeni.
4Laba yibo abangangcoliswanga ngabesifazane; ngoba bayizintombi. Laba yibo abalandela iWundlu nomaphi lapho liya khona. Laba bahlengwa phakathi kwabantu, balibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu.
5Emlonyeni wabo akufunyanwanga nkohliso, ngokuba bengenacala phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.
6Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli laphakade ukubalishumayele kwabakhileyo emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu;
7Lithi ngezwi elikhulu: Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo; ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile, nikhuleke kuye owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nemithombo yamanzi.
8Kwase kulandela enye ingilosi, ithi: Liwile, liwile iBhabhiloni, umuzi omkhulu, ngoba liphuzise izizwe zonke iwayini lolaka lobufebe balo.
9Ingelosi yesithathu yabalandela, isithi ngezwi elikhulu: “Uma umuntu ekhuleka isilo nomfanekiso waso, amukele uphawu ebunzini lakhe, noma esandleni sakhe,
10Yena uyakuphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu, elithululwa ngaphandle kokuxutshaniswa nendebe yentukuthelo yakhe; futhi uyohlushwa ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.
11Umusi wokuhlushwa kwabo ukhuphuka kuze kube phakade naphakade; abanakuphumula imini nobusuku abakhuleka kuso isilo nomfanekiso waso, nalowo owamukela uphawu lwegama laso.
12Nakhu ukubekezela kwabangcwele, nabagcina imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa nguJesu.
13Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi kimi: Loba: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela manje. Yebo, usho uMoya, ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; nemisebenzi yabo iyabalandela.
14Ngase ngibona, bheka, ifu elimhlophe, naphezu kwefu kwakuhlezi ofana neNdodana yomuntu, enomqhele wegolide ekhanda layo, nasesandleni sakhe isikela elibukhali.
15Enye ingelosi yaphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu kohlezi efwini, ithi: “Faka isikela lakho uvune, ngokuba isikhathi sokuvuna sesifikile; ngoba isivuno somhlaba sesivuthiwe.
16Ohlezi phezu kwefu waliphonsa isikela lakhe emhlabeni; futhi umhlaba wavunwa.
17Kwaphuma enye ingelosi ethempelini elisezulwini, nayo inesikela elibukhali.
18Kwaphuma enye ingelosi e-altare, inamandla phezu komlilo; yamemeza ngezwi elikhulu kophethe isikela elibukhali, yathi: “Faka isikela lakho elibukhali, ubuthe amahlukuzo omvini womhlaba; ngoba izithelo zayo sezivuthiwe.
19Ingelosi yaliphonsa isikela layo emhlabeni, yawukha umvini womhlaba, yawuphonsa esikhamweni sewayini esikhulu solaka lukaNkulunkulu.
20Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi, kwaphuma igazi esikhamweni sewayini laze lafika ematomini amahhashi, lihamba amastadiyu ayinkulungwane namakhulu ayisithupha.

Okuqokiwe okwamanje:

IsAmbulo 14: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume