NgokukaMarku 3:1-2,4-19

NgokukaMakhu 3:4-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe yini ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi na? Ukusindisa noma ukubulala na?” Kepha bathula du. UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe. AbaFarisi baphuma ngokushesha bayohlanganisa amakhanda ngaye nabakaHerodi ukuthi bangambhubhisa kanjani. UJesu nabafundi bakhe basuka baya ngasolwandle. Izixuku zamlandela, zivela eGalile naseJudiya, eJerusalema nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, naseThire naseSidoni. Isixuku esikhulu seza kuye lapho sesizwile ngakho konke ayekwenza. UJesu wayesebatshela abafundi bakhe ukuba bamlungisele isikebhe ngenxa yesixuku, ukuze singamminyanisi. Ngokuba waphulukisa abaningi, kangangokuthi bonke ababegula babedudulana, bewela phezu kwakhe, ukuze bamthinte. Nomoya abangcolileyo lapho bembona, babewa phansi phambi kwakhe, bamemeze, bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” UJesu wabayalisisa omoya ababi ukuba bangalokothi bakudalule ukuthi ungubani. UJesu wayesenyukela entabeni, wabiza labo ayebafuna; beza kuye. Waqoka abali-12, ababiza futhi ngabaphostoli ukuze babenaye, nokuba aphinde abathume ukuba bayoshumayela, nokuba babe negunya lokukhipha amadimoni. Wabamisa abali-12, wabaqamba lawa magama: uSimoni wamqamba wathi nguPhethro, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo; wabaqamba ngokuthi ngoBhowanergesi okusho ukuthi bangozulu liyaduma; u-Andreya, uFiliphu, uBhartholomewu, uMathewu, uThomase, uJakobe ka-Alifiyose, uThadewu, uSimoni uMkhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.

NgokukaMarku 3:4-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala na?” Kepha bathula. Waqalaza ebabuka ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo; wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe. AbaFarisi base bephuma masinyane bacebisana ngaye nabakaHerode ukuthi bangambhubhisa kanjani. UJesu wasuka kanye nabafundi bakhe, waya ngaselwandle; isixuku esikhulu samlandela sivela eGalile, naseJudiya, naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, nangaseTire, naseSidoni; isixuku esikhulu sesizwile konke akwenzayo seza kuye. Wayeseyala abafundi bakhe ukuba isikebhe simlindele ngenxa yesixuku sabantu, ukuze bangamcindezeli, ngokuba wayephulukisa abaningi, kwaze kwathi bonke abanezifo bawela phezu kwakhe ukuba bamnamathe. Nawomoya abangcolileyo bathi ukuba bambone, bawa phansi phambi kwakhe, bamemeza bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi. Wayesenyukela entabeni, wabizela kuye abebafuna yena; beza kuye. Wamisa abayishumi nambili ukuba babe naye nokuba abathume baye kushumayela, babe namandla okukhipha amademoni. Wayesemisa laba abayishumi nambili: uSimoni owamqamba igama lokuthi uPetru, noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; laba wabaqamba igama lokuthi oBowanergesi okungukuthi amadodana okuduma; no-Andreya, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.