Marku 3:1-2, 4-19

Marku 3:1-2 ZULUNT

Wabuye wangena esinagogeni; kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabene. Basebemqaphela ukuthi uzamsilisa yini ngesabatha; ukuze bambeke icala.

Funda Marku 3

Marku 3:4-19 ZULUNT

Wathi kubo: Kuvunyelwe yini ngesabatha ukwenza okuhle kumbe okubi? ukusindisa impilo, kumbe ukubulala? Kodwa bathula. Wabaqalaza ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo, wathi kumuntu: Yelula isandla sakho. Waseselula; saphiliswa isandla sakhe saba njengesinye. Base bephuma abaFarisi, bahle bacebisana nabakaHerode ukuthi bangambulala kanjani. Kodwa uJesu wasuka wahamba labafundi bakhe, waya elwandle; naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani; nangaseTire naseSidoni, isixuku esikhulu, sesizwile ukuthi kukhulu akwenzayo, seza kuye. Wasekhuluma kubafundi bakhe ukuthi umkhunjana umlinde ngenxa yexuku, hlezi bammpitshe. Ngokuba wayephulukise abaningi; baze bamcindezela ukuba bamthinte bonke ababenezifo. Kwathi omoya abangcolileyo bembona, baziwise phansi phambi kwakhe, bakhale, bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu. Wasebalaya kakhulu ukuthi bangamenzi aziwe. Wasesenyukela entabeni, wabiza labo ayebathanda; beza kuye. Wasemisa abalitshumi lambili, ukuthi babe laye, lokuthi abathume ukuyatshumayela; nokuba namandla okwelapha izifo, nokukhipha amademoni; USimoni amqamba ngokuthi uPetru; noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; wabaqamba ngokuthi uBowanerges, okungukuthi, amadodana okuduma; noAndreya, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani, NoJuda Iskariyothe owamkhaphelayo, bangena endlini.

Funda Marku 3