NgokukaMakhu 3:1-2, 4-19

NgokukaMakhu 3:1-2 ZUL20

UJesu wabuye wangena esinagogeni. Kwakukhona lapho umuntu owayenesandla esishwabeneyo. Babembheke ngeso lokhozi ukuthi ngabe uzomphilisa yini lowo muntu ngesabatha, ukuze bamthwese icala.

NgokukaMakhu 3:4-19 ZUL20

Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe yini ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi na? Ukusindisa noma ukubulala na?” Kepha bathula du. UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe. AbaFarisi baphuma ngokushesha bayohlanganisa amakhanda ngaye nabakaHerodi ukuthi bangambhubhisa kanjani. UJesu nabafundi bakhe basuka baya ngasolwandle. Izixuku zamlandela, zivela eGalile naseJudiya, eJerusalema nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, naseThire naseSidoni. Isixuku esikhulu seza kuye lapho sesizwile ngakho konke ayekwenza. UJesu wayesebatshela abafundi bakhe ukuba bamlungisele isikebhe ngenxa yesixuku, ukuze singamminyanisi. Ngokuba waphulukisa abaningi, kangangokuthi bonke ababegula babedudulana, bewela phezu kwakhe, ukuze bamthinte. Nomoya abangcolileyo lapho bembona, babewa phansi phambi kwakhe, bamemeze, bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” UJesu wabayalisisa omoya ababi ukuba bangalokothi bakudalule ukuthi ungubani. UJesu wayesenyukela entabeni, wabiza labo ayebafuna; beza kuye. Waqoka abali-12, ababiza futhi ngabaphostoli ukuze babenaye, nokuba aphinde abathume ukuba bayoshumayela, nokuba babe negunya lokukhipha amadimoni. Wabamisa abali-12, wabaqamba lawa magama: uSimoni wamqamba wathi nguPhethro, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo; wabaqamba ngokuthi ngoBhowanergesi okusho ukuthi bangozulu liyaduma; u-Andreya, uFiliphu, uBhartholomewu, uMathewu, uThomase, uJakobe ka-Alifiyose, uThadewu, uSimoni uMkhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.