NgokukaMarku 11:12-19
NgokukaMarku 11:12-19 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi ngangomuso sebephumile eBethaniya walamba; Wabona umkhiwane ukude, unamaqabunga, weza ukuthi mhlawumbe angathola utho kuwo; ngoba isikhathi samakhiwane sasingekafiki. UJesu waphendula, wathi kuwo: “Akungabe kusadla muntu isithelo kuwe kuze kube phakade. Abafundi bakhe bezwa lokho. Bafika eJerusalema; uJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha ababethengisa nababethenga ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshela imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba; Wayengavumeli muntu ukuthi adabule ithempeli ethwele isitsha. Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’? kepha nina niyenze umhume wabaphangi. Ababhali nabapristi abakhulu bezwa lokho bafuna ukuthi bangambulala kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe. Kwathi sekuhlwile waphuma emzini.
NgokukaMarku 11:12-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakusasa lapho bephuma eBhethaniya, uJesu walamba. Wabona umkhiwane buqamama, unamaqabunga, wasondela kuwo ethi hleze angathola okuthile kuwo. Esefikile kuwo akatholanga lutho, kodwa amacembe wodwa nje, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane. UJesu wathi kuwo: “Akungabe kusadla noyedwa isithelo esivela kuwe kuze kube phakade.” Abafundi bakhe bakuzwa lokho. Bafika eJerusalema. UJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini. Wagumbuqela amatafula alabo ababeshintshelana imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Akavumelanga muntu ukuba adabule ethempelini ethwele umthwalo. Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kodwa nina seniyiphendule umhume wabaphangi.” Abaphristi abakhulu nezazimthetho bakuzwa lokho, bafuna ukuthi bangambhubhisa kanjani, ngokuba babemesaba, kwazise izindimbane zabantu zazimangaliswa ngukufundisa kwakhe. Kwathi kungahlwa, baphumela ngaphandle komuzi.
NgokukaMarku 11:12-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngangomuso ekuphumeni kwabo eBethaniya walamba. Wabona umkhiwane ukude, unamaqabunga, wasondela ethi mhlawumbe angathola utho kuwo; esefikile kuwo akafumananga lutho, amaqabunga odwa, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane. UJesu wakhuluma, wathi kuwo: “Akungabe kusadla noyedwa isithelo kuwe kuze kube phakade.” Abafundi bakhe bakuzwa. Bafika eJerusalema. Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba; wayengavumi ukuba umuntu adabule ithempeli ethwele isitsha. Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi, ‘indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kepha nina niyenze ‘umhume wabaphangi.’ ” Abapristi abakhulu nababhali bekuzwa lokho bazindla ngokuthi bangambhubhisa kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe. Njalo ngokuhlwa baphuma emzini.
NgokukaMarku 11:12-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)