Marku 11:12-19

Marku 11:12-19 ZULUNT

Kwathi ngangomuso sebephumile eBethaniya walamba; Wabona umkhiwane ukude, unamaqabunga, weza ukuthi mhlawumbe angathola utho kuwo; ngoba isikhathi samakhiwane sasingekafiki. UJesu waphendula, wathi kuwo: “Akungabe kusadla muntu isithelo kuwe kuze kube phakade. Abafundi bakhe bezwa lokho. Bafika eJerusalema; uJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha ababethengisa nababethenga ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshela imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba; Wayengavumeli muntu ukuthi adabule ithempeli ethwele isitsha. Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’? kepha nina niyenze umhume wabaphangi. Ababhali nabapristi abakhulu bezwa lokho bafuna ukuthi bangambulala kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe. Kwathi sekuhlwile waphuma emzini.

Funda Marku 11