NgokukaMathewu 18:1-11
NgokukaMathewu 18:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngaleso sikhathi abafundi basondela kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?” Wayesebiza umntwana, wammisa phakathi kwabo, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu. Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu. Nalowo oyakwamukela umntwana onje abe munye ngegama lami uyangamukela mina. Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, azikiswe ekujuleni kolwandle. “Maye kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kepha maye kumuntu esiza ngaye isikhubekiso! Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa, kumbe unyawo lwakho, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma unyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili nezinyawo zombili. Noma iso lakho likukhubekisa, likhiphe, ulilahle. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni somlilo unamehlo omabili. Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini. Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukusindisa okulahlekileyo.
NgokukaMathewu 18:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngaso leso sikhathi abafundi beza kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na? UJesu wayesebizela kuye umntwana, wammisa phakathi kwabo. Wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana abancane, anisoze nangena embusweni wezulu. Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguye omkhulu embusweni wezulu. Nalowo owemukela umntwana omncane onje ngegama lami uyangamukela mina. Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa kimi, kungcono kuye ukuthi itshe lokuchola ligaxwe entanyeni yakhe, acwiliswe ekujuleni kolwandle. Maye kuwo umhlaba ngenxa yezikhubekiso! ngokuba kufanele ukuba kufike izikhubekiso; kodwa maye kulowomuntu esiza ngaye isikhubekiso! Ngakho-ke uma isandla sakho noma unyawo lwakho kukukhubekisa, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukungena ekuphileni ulunyonga noma ulunyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili noma izinyawo zombili. Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; Xwayani ukuba ningadeleli noyedwa walaba abancinyane; ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini. Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukusindisa okulahlekileyo.
NgokukaMathewu 18:1-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaMathewu 18:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngaleso sikhathi abafundi basondela kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?” UJesu wayesebiza umntwana, wammisa phakathi kwabo, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: uma ningaphenduki nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu. Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana, nguyena omkhulu embusweni wezulu. Nalowo oyakwemukela umntwana onje abe munye ngegama lami, uyangamukela Mina. “Kepha okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe elikhulu lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, azikiswe ekujuleni kolwandle. “Maye, kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kodwa maye kulowo muntu esiza ngaye isikhubekiso! Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa noma ngabe wunyawo lwakho, kunqume, ukulahle. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma ulunyonga, kunokuba uphonswe emlilweni ongunaphakade unezandla zombili nezinyawo zombili. Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe, ulilahle. Ngokuba kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uneso elilodwa, kunokuba uphonswe esihongweni somlilo unamehlo omabili. Qaphelani ukuba ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: izingelosi zabo ezulwini zibubona njalo ubuso bukaBaba osezulwini. Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukuzosindisa okulahlekileyo.”