NgokukaMathewu 18:1-11

NgokukaMathewu 18:1-11 ZUL20

Ngaleso sikhathi abafundi basondela kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?” UJesu wayesebiza umntwana, wammisa phakathi kwabo, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: uma ningaphenduki nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu. Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana, nguyena omkhulu embusweni wezulu. Nalowo oyakwemukela umntwana onje abe munye ngegama lami, uyangamukela Mina. “Kepha okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe elikhulu lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, azikiswe ekujuleni kolwandle. “Maye, kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kodwa maye kulowo muntu esiza ngaye isikhubekiso! Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa noma ngabe wunyawo lwakho, kunqume, ukulahle. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma ulunyonga, kunokuba uphonswe emlilweni ongunaphakade unezandla zombili nezinyawo zombili. Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe, ulilahle. Ngokuba kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uneso elilodwa, kunokuba uphonswe esihongweni somlilo unamehlo omabili. Qaphelani ukuba ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: izingelosi zabo ezulwini zibubona njalo ubuso bukaBaba osezulwini. Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukuzosindisa okulahlekileyo.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 18:1-11