Ngaso leso sikhathi abafundi beza kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na? UJesu wayesebizela kuye umntwana, wammisa phakathi kwabo. Wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana abancane, anisoze nangena embusweni wezulu. Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguye omkhulu embusweni wezulu. Nalowo owemukela umntwana omncane onje ngegama lami uyangamukela mina. Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa kimi, kungcono kuye ukuthi itshe lokuchola ligaxwe entanyeni yakhe, acwiliswe ekujuleni kolwandle. Maye kuwo umhlaba ngenxa yezikhubekiso! ngokuba kufanele ukuba kufike izikhubekiso; kodwa maye kulowomuntu esiza ngaye isikhubekiso! Ngakho-ke uma isandla sakho noma unyawo lwakho kukukhubekisa, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukungena ekuphileni ulunyonga noma ulunyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili noma izinyawo zombili. Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; Xwayani ukuba ningadeleli noyedwa walaba abancinyane; ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini. Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukusindisa okulahlekileyo.
Funda Mathewu 18
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Mathewu 18:1-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo