Mathewu 18

18
Mathewu 18
1Ngaso leso sikhathi abafundi beza kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?
2UJesu wayesebizela kuye umntwana, wammisa phakathi kwabo.
3Wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana abancane, anisoze nangena embusweni wezulu.
4Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguye omkhulu embusweni wezulu.
5Nalowo owemukela umntwana omncane onje ngegama lami uyangamukela mina.
6Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa kimi, kungcono kuye ukuthi itshe lokuchola ligaxwe entanyeni yakhe, acwiliswe ekujuleni kolwandle.
7Maye kuwo umhlaba ngenxa yezikhubekiso! ngokuba kufanele ukuba kufike izikhubekiso; kodwa maye kulowomuntu esiza ngaye isikhubekiso!
8Ngakho-ke uma isandla sakho noma unyawo lwakho kukukhubekisa, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukungena ekuphileni ulunyonga noma ulunyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili noma izinyawo zombili.
9Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe, ulilahle;
10Xwayani ukuba ningadeleli noyedwa walaba abancinyane; ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.
11Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukusindisa okulahlekileyo.
12Nicabangani? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye, aye ezintabeni, afune edukileyo?
13Uma eyithola, ngiqinisile ngithi kini: Uthokoza ngayo kakhulu kunangezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingadukanga.
14Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.
15Futhi uma umfowenu ona kuwe, hamba umsole ninodwa naye; uma ekuzwa, umzuzile umfowenu.
16Kodwa uma engakulaleli, thatha kanye nawe oyedwa noma ababili, ukuze ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu wonke amazwi aqiniswe.
17Uma engasezwa, tshela ibandla;
18Ngiqinisile ngithi kini: Konke eniyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe ezulwini, nakho konke eniyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe nasezulwini.
19Futhi ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana nganoma yini abangayicela, bayakuyenzelwa nguBaba osezulwini.
20Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.
21UPetro wasesondela kuye wathi: Nkosi, umfowethu uzangona kangaki, ngimthethelela? kuze kube kasikhombisa na?
22UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa, kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.
23Ngakho umbuso wezulu ufaniswa nenkosi eyayifuna ukubalelana nezinceku zayo.
24Kwathi eqala ukulandisa, kwalethwa kuye enye eyayinecala lamatalenta ayizinkulungwane eziyishumi.
25Kodwa njengoba ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, nomkayo, nabantwana, nakho konke anakho, kukhokhwe.
26Inceku yawa phansi, yakhuleka kuyo, yathi: ‘Nkosi, ungibekezelele, ngizokukhokhela konke.
27Inkosi yaleyonceku yayisihawukela, yayikhulula, yayithethelela icala.
28Kodwa leyonceku yasiphuma, yafica enye inceku kanye layo eyayimkweleda wabodenariyo abalikhulu, yambamba, yayikhama, yathi: Ngikhokhele okukweletayo.
29Inceku kanye nayo yawa phansi ezinyaweni zayo, yayincenga, yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizokukhokhela konke.
30Kodwa kayivumanga, kodwa yasuka yamfaka etilongweni, ize ikhokhe isikwelede.
31Kwathi izinceku ezikanye nayo zibona okwenzekileyo, zadabuka kakhulu, zeza zabikela inkosi yazo konke okwenzekileyo.
32Inkosi yayo yayisiyibiza, yathi kuyo: ‘Nceku embi, nganithethelela sonke leso sikweletu, ngokuba wangicela;
33Bekungafanele yini nawe ube nesihawu ngenceku kanye nawe, njengalokho nami ngakuhawukela na?
34Inkosi yayo yathukuthela, yamnikela kubahlukumezi, ize ikhokhe konke eyayikukweleta.
35Kanjalo noBaba osezulwini uyakwenza kini, uma ningathetheleli yilowo nalowo umfowabo iziphambeko zakhe ngezinhliziyo zenu.

Okuqokiwe okwamanje:

Mathewu 18: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo