NgokukaMathewu 13:47-50
NgokukaMathewu 13:47-50 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle, lihlanganisa zonke izinhlobo; lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla. Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo, zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
NgokukaMathewu 13:47-50 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa olwandle, labutha zonke izinhlobo; Lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kodwa ezimbi bazilahla. Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe: ziyakuphuma izingelosi, zihlukanise ababi kwabalungileyo; zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.
NgokukaMathewu 13:47-50 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Umbuso wezulu ufaniswa futhi nenetha elaphonswa olwandle, lawola inhlanganisela yezinhlanzi. Kuthe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, bakhetha ezinhle, bazifaka ezitsheni, kwathi ezimbi bazilahla. Kuyakuba kanjalo ekupheleni kwezwe. Kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi kwabalungileyo. Ababi zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
NgokukaMathewu 13:47-50 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)