NgokukaMathewu 13

13
Imifanekiso Eyisikhombisa KaJesu
(Mak. 4:1; Luk. 8:4; 13:18)
1Ngalolo lusuku uJesu waphuma endlini, wahlala ngasolwandle. 2 Kwabuthana izixuku eziningi, waze wangena esikebheni, wahlala phansi; isixuku sonke sasimi ogwini. 3Wakhuluma kubo okuningi ngemizekeliso, wathi: “Kwake kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela. 4Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni, kwafika izinyoni zezulu zayidla, zayiqeda. 5Enye imbewu yawela edwaleni, lapho kwakungenamhlabathi omningi khona. Yamila masinyane, ngokuba yayingekho emhlabathini ojulileyo. 6Kepha kwathi lapho seliphumile ilanga, yabuna, ngokuba ingenazimpande ezigxilileyo. 7Enye yawela emeveni, ameva akhula, ayiminyanisa. 8Enye yawela emhlabathini ovundileyo; yathela izithelo, ngekhulu, ngama-60 nangama-30. 9 Onezindlebe makezwe.”
Isizathu Sokukhuluma Ngemizekeliso
10Abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Ukhulumelani kubo ngemizekeliso na?”
11UJesu waphendula, wathi kubo: “Yingokuba nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kodwa bona kabakuphiwanga lokho. 12 Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuthi xaxa, kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. 13Yingakho-ke ngikhuluma kubo ngemizekeliso, ukuze bathi bebona, kodwa bangabonisisi; bathi bezwa, kepha bangezwisisi futhi bangaqondi. 14 Kugcwaliseka kubo isiphrofetho sika-Isaya esithi:
“ ‘Niyakuzwa nokuzwa,
kepha ningaqondi;
niyakubona nokubona,
kepha ningabonisisi;
15ngokuba inhliziyo yalesi sizwe seyaba lukhuni;
bezwa kanzima ngezindlebe,
namehlo abo bawacimezile;
funa babone ngamehlo,
bezwe ngezindlebe,
baqonde ngenhliziyo, baphenduke,
ngibaphilise.’
16 “Kepha abusisiwe amehlo enu, ngokuba ayabona; nezindlebe zenu, lokhu ziyezwa. 17 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: baningi abaphrofethi nabalungileyo ababefisa ukubona lokhu enikubonayo, kodwa abakubonanga; nokuzwa lokhu enikuzwayo, kepha abakuzwanga.
UJesu Uchaza Umzekeliso Womhlwanyeli
18“Lalelani nginichazele ngomzekeliso womhlwanyeli. 19Yilowo nalowo ozwa izwi lombuso, angaliqondi, kufika omubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Leyo ngehlwanyelwe ngasendleleni. 20Okuhlwanyelwe edwaleni, yilowo ozwa izwi, alamukele masinyane ngokuthokoza, 21kepha kanampande ngaphakathi; ulibamba nje okwesikhashana, kuthi lapho kufika ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke ngokushesha. 22 Lokho okuhlwanyelwe emeveni, yilowo ozwa izwi, kuthi iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuliminyanise izwi, abe ngongatheliyo. 23Lokho okuhlwanyelwe emhlabathini ovundileyo, yilowo olizwayo izwi maqede aliqonde, athele izithelo, athele ngekhulu, omunye ngama-60 nomunye ngama-30.”
Umzekeliso Wamabele Nokhula
24Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe; 25kuthe abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, qede sashaya sachitha. 26Kwathi lapho amabele esekhahlela, kwavumbuka ukhula.
27“Izisebenzi zaya kumninindlu, zathi kuye: ‘Nkosi, awuhlwanyelanga yini imbewu enhle ensimini yakho na? Pho luvelaphi ukhula na?’
28“Wathi kuzo: ‘Lokhu kwenziwe ngumuntu oyisitha.’
“Izisebenzi zathi kuye: ‘Uyathanda yini ukuba sihambe siyolusiphula na?’
29“Kepha wathi: ‘Qha, funa nithi nxa nisiphula ukhula, nisiphule namabele kanye nalo. 30 Kuyekeni kukhule kokubili ndawonye, kuze kuvunwe. Ngesikhathi sokuvuna ngiyakuyala abavuni ngithi: buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuze lushiswe, bese nibuthela amabele enqolobaneni yami.’ ”
Umzekeliso Wohlamvu Lwesinaphi
31 Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nohlamvu lwesinaphi aluthatha umuntu waluhlwanyela ensimini yakhe; 32lona luthi lungoluncane kunazo zonke izimbewu, kodwa lukhule lube lukhulu kunakho konke okumilayo, lube yisihlahla esikhulukazi; zize izinyoni zezulu, zakhele emagatsheni aso.”
Umzekeliso Wemvubelo
33 Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nomuntu wesifazane, owathatha imvubelo wayifaka emicengezini emithathu yempuphu, kwaze kwabila konke.”
Ukugcwaliseka Kwesiphrofetho Ngemizekeliso
34UJesu wakukhuluma konke lokhu ezixukwini ngemizekeliso, akukho lutho olunye ake walukhuluma kubo ngaphandle kwemizekeliso, 35 ukuze kugcwaliseke okwashiwo ngomphrofethi ukuthi:
“Ngizakuvula umlomo wami,
ngikhulume ngemizekeliso.
Ngikhulume izinto ezifihlakeleyo,
selokhu kwasekelwa umhlaba.”
UJesu Uchaza Umzekeliso Wokhula
36UJesu wayesezihlakaza izixuku, waya endlini. Abafundi bakhe basondela kuye, bathi: “Sichazele ngomzekeliso wokhula ensimini.”
37Wayesebaphendula, ethi: “Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu. 38 Insimu yizwe, imbewu enhle yilabo abangabantwana bombuso; ukhula ngabantwana bomubi. 39 Kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane, ukuvuna kungukuphela kwesikhathi, abavuni yizingelosi. 40Ngakho-ke njengalokhu ukhula lubuthwa lushiswe emlilweni, kuyakuba kanjalo ekupheleni kwezwe. 41INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, 42 zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. 43 Kepha abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise. Onezindlebe makezwe.
Imizekeliso Emithathu: Owencebo Efihlwe Ensimini
44 “Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, umuntu wayifumana, wayithukusa; wahamba ethokozile, wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.
Owepharele
45“Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amapharele amahle; 46kuthi angalithola ipharele elilodwa lenani elikhulu, ahambe athengise ngakho konke anakho, alithenge.
Owenetha Elaphonswa Olwandle
47 “Umbuso wezulu ufaniswa futhi nenetha elaphonswa olwandle, lawola inhlanganisela yezinhlanzi. 48Kuthe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, bakhetha ezinhle, bazifaka ezitsheni, kwathi ezimbi bazilahla. 49 Kuyakuba kanjalo ekupheleni kwezwe. Kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi kwabalungileyo. 50Ababi zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
51“Nikuqondile yini konke lokhu na?”
Bathi kuye: “Yebo.”
52Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yileso naleso sazimthetho esifundiselwe umbuso wezulu, sifana nomuntu, umnumzane okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.”
UJesu Udelelwa Emzini Wakubo
(Mak. 6:1; Luk. 4:16)
53Kwathi lapho uJesu eseqedile ukukhuluma ngemizekeliso, wasuka lapho. 54 Esefikile emzini wakubo, wabafundisa esinagogeni labo, baze bamangala, bathi: “Lo ngabe ukuthatha kuphi lokhu kuhlakanipha nala mandla na? 55 Lo akasiyo yini indodana yombazi? Unina akusiye yini uMariya, nabafowabo akusibo yini oJakobe, uJosefa, uSimoni noJuda na? 56Odadewabo abekho yini phakathi kwethu lapha na? Pho-ke lo ukuthatha kuphi konke lokhu na?”
57 Base bekhubeka ngaye, kepha uJesu wathi kubo: “Umphrofethi akadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo nasendlini yakwabo.”
58Akayenzanga lapho imisebenzi eminingi yamandla ngenxa yokungakholwa kwabo.

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMathewu 13: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo