NgokukaMathewu 14

14
Ukubulawa KukaJohane UMbhabhadisi
(Mak. 6:14; Luk. 9:7)
1Ngaleso sikhathi uHerode, uMthethraki, wezwa kubikwa ngoJesu, 2waseyesethi ezincekwini zakhe: “Lo nguJohane uMbhabhadisi, uvukile kwabafileyo, yingakho-ke lawa mandla esebenza kuye nje.”
3 Ngokuba nguye uHerode owayebambe uJohane, wamfaka ejele ngenxa kaHerodiya, umkaFiliphu, umfowabo. 4 Lokhu uJohane wayesho kuye ukuthi: “Awuvunyelwe ukuba umthathe.”
5 Kwathi nakuba ayefuna ukumbulala, kodwa wesaba abantu ngokuba babethi ungumphrofethi.
6Kepha ngosuku lokuzalwa kukaHerode, indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamjabulisa uHerode, 7wayeseyethembisa ngokufunga ukuthi uyakuyinika lokho eyakukucela. 8Kuthe eseyicebisile unina, yathi: “Ngiphe ngoqwembe ikhanda likaJohane, uMbhabhadisi.”
9Lokho kwayephula umoya inkosi, kepha ngenxa yezifungo eyayizenzile, nangenxa yababehleli nayo esidlweni, yayaleza ukuba inikwe. 10Yathumela, yamnquma uJohane ikhanda ejele. 11Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazane; yayisilinika unina. 12Kwafika abafundi bakaJohane basithatha isidumbu sakhe, basimbela, base beyobikela uJesu.
UJesu Usuthisa Amadoda Ayizinkulungwane Eziyisihlanu
(Mak. 6:30; Luk. 9:12; Joh. 6:1)
13Kwathi uJesu esekuzwile lokho, wasuka lapho ngesikebhe waya endaweni eyihlane, yedwa. Zithe ukuba izixuku zikuzwe lokho, zamlandela ngezinyawo, ziphuma emizini. 14Waphuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.
15 Kuthe selishonile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane futhi nelanga selizilahle kunina; tshela izixuku zihambe ziye emizaneni, ziyozithengela ukudla.”
16Kepha uJesu wathi kubo: “Akudingekile ukuba bahambe; bapheni nina ukudla.”
17Bathi kuye: “Asinalutho lapha, kuphela izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili.”
18Wayesethi: “Kuletheni lapha kimi.”
19Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi otshanini, wathatha izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wakubusisa, wakuhlephula, wakunika abafundi, baphakela izixuku. 20Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eyayisele, yagcwala iziqabetho ezili-12. 21Labo abadlayo kwakungamadoda abalelwa ezi-5 000, ngaphandle kwabesifazane nezingane.
UJesu Uhamba Phezu Kolwandle
(Mak. 6:45; Joh. 6:16)
22Wabacindezela abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni masinyane, bamendulele, baye ngaphesheya, ukuze ahlakaze izixuku. 23 Esezihlakazile, wenyukela entabeni eyedwa eyokhuleka; kwasekuhlwile, futhi eyedwa lapho. 24Kepha isikebhe sasesiqhele ibanga ogwini, sishukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambana nabo.
25Kuthe ngomlindo wesine wobusuku uJesu weza kubo ehamba phezu kolwandle. 26Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa wuvalo, bethi ngumungcwi; bakhala ngokwesaba.
27UJesu wakhuluma nabo ngokushesha, wathi: “Yimani isibindi; yiMina, ningesabi.”
28UPhethro wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe ngempela, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.”
29UJesu wayesethi: “Woza.” UPhethro wehla-ke esikebheni, wahamba phezu kwamanzi, waya kuJesu. 30Kepha kuthe ebona umoya onamandla, wesaba; eseqala ukucwila wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!”
31 Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”
32Sebegibele esikebheni, umoya wathula. 33Ababesesikebheni bakhuleka kuye, bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.”
UJesu Uphilisa Abagulayo EGenezaretha
34Sebewelele ngaphesheya, bafika eGenezaretha. 35Kwathi ukuba amadoda akuleyo ndawo ambone, athumela izigijimi kulo lonke izwe; baletha kuye bonke abagulayo. 36 Bamnxusa ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe; bonke abawuthintayo baphiliswa.

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMathewu 14: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo