NgokukaMathewu 15

15
AbaFarisi Nababhali Basolwa Ngenxa Yezimiso Zabo
(Mak. 7:1)
1AbaFarisi nezazimthetho beza kuJesu bevela eJerusalema, bathi: 2 “Kwenziwa yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na? Ngokuba abazihlambi izandla uma bedla isinkwa.”
3Kepha uJesu waphendula wathi kubo: “Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na? 4 Ngokuba uNkulunkulu wathi: ‘Hlonipha uyihlo nonyoko,’ wathi futhi: ‘Othuka uyise nonina makafe nokufa.’ 5Kepha nina nithi: ‘Lowo othi kuyise noma kunina: Lokho ebengizokusiza ngakho sengikwehlukanisile kwaba ngumnikelo kuNkulunkulu,’ 6akusadingeki ukuba ahloniphe uyise; kanjalo-ke nilenza libe yize izwi likaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu. 7Bazenzisi, u-Izaya waphrofetha kahle ngani, lapho ethi:
8 “ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo,
kepha inhliziyo yaso ikude nami;
9kodwa bangikhonza ngeze,
befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ ”
Okungcolisa Umuntu
10Wayesebiza isixuku, wathi kuso: “Yizwani, niqonde. 11Akusikho okungena emlonyeni okumngcolisayo umuntu, kodwa yilokho okuphuma emlonyeni okumngcolisayo umuntu.”
12Kwase kusondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Uyazi yini ukuthi abaFarisi bathe bangalizwa lelo lizwi, bakhubeka na?”
13Kepha waphendula wathi: “Yileso naleso sithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini, siyakusishulwa. 14 Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Kepha uma impumputhe ihola enye impumputhe, zombili ziyakukhalakathela emgodini.”
15UPhethro waphendula wathi kuye: “Sichazele lo mzekeliso.”
16Wayesethi: “Kanti nani anikabi nakuqonda na? 17Aniqondi yini ukuthi konke okungena emlonyeni kuya esiswini, kuze kulahlelwe ngaphandle na? 18 Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu. 19 Ngokuba enhliziyweni kuvela imidlinzo emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, nokuhlambalaza. 20Yilezo zinto ezimngcolisayo umuntu, kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu.”
Ukukholwa Kowesifazane WaseKhanani
(Mak. 7:24)
21UJesu esephumile lapho, wahamba, waya ezifundeni eThire naseSidoni. 22Kwase kufika owesifazane waseKhanani evela emingceleni yakhona, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ihlaselwe kabi yidimoni.”
23Kepha akamphendulanga ngazwi. Kwase kusondela kuye abafundi bakhe, bamncenga bathi: “Mmukise, ngokuba uyakhala emva kwethu.”
24 Kepha uJesu waphendula wathi: “Angithunyelwanga kwabanye, kodwa kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.”
25Owesifazane weza, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi ngisize.”
26UJesu waphendula wathi: “Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjeni.”
27Owesifazane wathi: “Yebo, Nkosi, kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.”
28 Khona uJesu waphendula, wathi kuye: “Awu mame, kukhulu ukukholwa kwakho; makwenzeke kuwe njengokuthanda kwakho.”
Indodakazi yakhe yasinda ngaleso sikhathi.
UJesu Uphulukisa Iziguli
(Mak. 7:31; 8:1)
29UJesu wasuka lapho, waya ngasolwandle iGalile, wenyukela entabeni, wahlala phansi lapho. 30 Isixuku esikhulu seza kuye silethe izinyonga, izimpumputhe, izimungulu, izilima, nabanye abaningi. Bababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa. 31Isixuku saze samangala sibona izimungulu zikhuluma, abakhubazekile besinda, izinyonga zihamba, nezimpumputhe zibona. Base bemdumisa uNkulunkulu ka-Israyeli.
32UJesu wababiza abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihleli nami, singenakho esingakudla. Angithandi ukubamukisa belambile, funa baphelelwe ngamandla endleleni.”
33Abafundi bathi kuye: “Pho singazitholaphi lapha ehlane izinkwa eziningi ezingenela isixuku esingaka na?”
34UJesu wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki na?”
Bathi: “Eziyisikhombisa, nezinhlanzana ezimbalwa.”
35Wayala isixuku ukuba sihlale phansi, 36wathatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, bona baphakela izixuku. 37Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, yagcwala iziqabetho eziyisikhombisa. 38Abadlayo kwakungamadoda ayizi-4 000, ngaphandle kwabesifazane nezingane. 39Esezihlakazile izixuku, wangena esikebheni, waya eMagadana.

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMathewu 15: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo