NgokukaMathewu 13:47-50

NgokukaMathewu 13:47-50 ZUL59

“Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle, lihlanganisa zonke izinhlobo; lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla. Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo, zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.