Mathewu 13

13
Mathewu 13
1Ngalolo suku uJesu waphuma endlini, wahlala ngaselwandle.
2Kwabuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala; isixuku sonke sema ogwini.
3Wakhuluma kubo izinto eziningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.
4Kwathi ekuhlanyeleni kwakhe, enye imbewu yawela ngasendleleni, kweza izinyoni zayidla zayiqeda.
5Enye yawela emadwaleni, lapho yayingenamhlaba omningi khona, yahle yamila, ngokuba yayingenamhlabathi ukujula;
6Kwathi seliphumile ilanga, zahangulwa; futhi ngenxa yokuthi zazingelampande zabuna.
7Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa.
8Kepha enye yawela emhlabathini omuhle, yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.
9Olendlebe zokuzwa makezwe.
10Base besondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?
11Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga.
12Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, abe nokuchichima; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.
13Ngakho ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba bebona ababoni; nokuzwa kabezwa, kabaqondi.
14Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika-Isaya sokuthi: “Ngokuzwa niyakuzwa, ningaqondi; nokubona nizakubona, ningabonisi;
15Ngoba inhliziyo yalababantu seyaba lukhuni, lendlebe zabo bezwa buthuntu, lamehlo abo bawacimezile; funa noma nini babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.
16Kodwa abusisiwe amehlo enu, ngoba ayabona, lezindlebe zenu, ngoba ziyezwa.
17Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Abaningi abaprofethi nabalungileyo babefisa ukubona enikubonayo, abakubonanga; nokuzwa izinto enizizwayo, anizizwanga.
18Ngakho-ke zwanini umfanekiso womhlanyeli.
19Nxa yilowo nalowo olizwa izwi lombuso, engaliqondi, omubi uyeza, ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Nguye owahlanyelwa ngasendleleni.
20Kodwa ohlanyelwe edwaleni, nguye olizwayo ilizwi, ahle alamukele ngentokozo;
21Kodwa kanampande phakathi kwakhe, kodwa uhlala isikhashana; kuthi sekuvele usizi nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane.
22Ohlanyelwe emeveni nguye olizwayo izwi; futhi ukukhathazeka kwalesi simiso sezinto, nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, libe ngongatheli.
23Kepha ohlanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwayo izwi, aliqonde; ethela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.
24Wababekela omunye umfanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;
25Kwathi abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kukakolweni, samuka.
26Kodwa kwathi lapho ikhaba selimile futhi selithela, khona kwabonakala nokhula.
27Kwase kufika izinceku zomninindlu, zathi kuye: ‘Nkosi, awuhlwanyelanga imbewu enhle ensimini yakho na? Pho, luvelaphi ukhula?
28Wathi kubo: Lokhu kwenzelwe yisitha. Zathi izinceku kuye: Uyathanda-ke ukuba sihambe siyokubutha na?
29Kodwa wathi: Hatshi; hlezi nibuthe ukhula, nisiphule namabele kanye nalo.
30Kuyekeni kukhule kokubili ndawonye kuze kube sekuvuneni;
31Wababekela omunye umfanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nembewu yesinaphi, ayithabatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe;
32yona incinyane kuzo zonke izimbewu, kepha nxa isikhulile, inkulu kunazo zonke phakathi kwemifino, ibe yisihlahla, kuze kufike izinyoni zezulu, zihlale emagatsheni awo.
33Wakhuluma kubo omunye umfanekiso; Umbuso wezulu ufana nemvubelo, ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila yonke.
34Lokho konke uJesu wakukhuluma emaxukwini ngemifanekiso; futhi ngaphandle komfanekiso akakhulumanga kubo;
35ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: Ngizavula umlomo wami ngemifanekiso; ngizakhuluma izinto ebezifihliwe kusukela ekusekelweni komhlaba.
36Khona uJesu wabamukisa abantu, wangena endlini; abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Sitshele umfanekiso wokhula lwensimu.
37Wasephendula wathi kubo: Ohlanyela inhlanyelo enhle yiNdodana yomuntu;
38Insimu ngumhlaba; imbewu enhle ngabantwana bombuso; kodwa ukhula lungabantwana bomubi;
39Isitha esawuhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.
40Ngakho njengalokhu ukhula luyabuthwa lushiswe emlilweni; kuyakuba njalo ekupheleni kwalelizwe.
41INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo, nabenza okubi;
42zibaphose esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.
43Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe zokuzwa makezwe.
44Futhi umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini; okuthi lapho umuntu eseyitholile, wayifihla, futhi ngenxa yokujabula kwayo wahamba wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.
45“Futhi umbuso wezulu ufana nomthengisi ofuna amaparele amahle;
46Kwathi eselitholile iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.
47Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa olwandle, labutha zonke izinhlobo;
48Lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kodwa ezimbi bazilahla.
49Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe: ziyakuphuma izingelosi, zihlukanise ababi kwabalungileyo;
50zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.
51UJesu wathi kubo: Senikuqondile konke lokhu na? Bathi kuye: Yebo, Nkosi.
52Wayesethi kubo: “Ngakho wonke umbhali ofundisiwe embusweni wezulu ufana nomuntu umninindlu okhipha engcebweni yakhe izinto ezintsha nezindala.
53Kwathi uJesu eseyiqedile le mifanekiso, wamuka lapho.
54Esefikile ezweni lakubo wabafundisa esinagogeni labo, baze bamangala bathi: “Lo ukuthathephi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na?
55Lo akasiyo yini indodana yombazi na? Unina akabizwa ngokuthi uMariya na? nabafowabo oJakobe, noJose, noSimoni, noJuda?
56Odadewabo abakho yini bonke kithi na? Pho, lo ukuthathaphi konke lokhu na?
57Basebekhubeka ngaye. Kepha uJesu wathi kubo: “Umprofethi kadelelwa, kuphela ezweni lakubo nasendlini yakubo.
58Njalo akenzanga lapho imisebenzi yamandla eminengi ngenxa yokungakholwa kwabo.

Okuqokiwe okwamanje:

Mathewu 13: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo