NgokukaMathewu 13:1-58

NgokukaMathewu 13:1-58 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngalolo suku uJesu waphuma endlini, wahlala phansi ngaselwandle. Kwase kubuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala phansi, uquqaba lonke lumi ogwini. Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda. Kepha enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo. Kodwa seliphumile ilanga, yahwamuka; nangokuba ingenampande, yabuna. Kepha enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa. Kepha enye yawela emhlabathini omuhle; yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu. Onezindlebe makezwe.” Kwase kufika abafundi bakhe, bathi kuye: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?” Waphendula-ke, wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuvame; kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba noma bebona, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi. Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika-Isaya sokuthi: “ ‘Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda; ngokubona niyakubona, ningaze nabonisisa; ngokuba inhliziyo yalesi sizwe isiyaba lukhuni, bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.’ “Kodwa abusisiwe amehlo enu, lokhu ebona, nezindlebe zenu, lokhu zizwa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Baningi abaprofethi nabalungileyo ababefisa ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga. “Yizwani-ke nina umfanekiso womhlwanyeli. Yilowo nalowo olizwa izwi lombuso engaliqondi ufikelwa ngomubi ohlwitha okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Yilowo ohlwanyelwe ngasendleleni. Ohlwanyelwe edwaleni nguye olizwa izwi, alamukele masinyane ngokuthokoza; kepha kanampande phakathi kwakhe, kodwa uhlala isikhashana nje, kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane. Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo. Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwa izwi, aliqonde, athele impela isithelo, omunye aveze ngekhulu, omunye ngamashumi ayisithupha, omunye ngamashumi amathathu.” Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe; kepha abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, samuka. Kwathi ukuba likhule ikhaba, kuthele isithelo, khona kwabonakala nokhula. “Kwase kufika izisebenzi zomnumzane, zathi kuye: ‘Nkosi, awuhlwanyelanga imbewu enhle ensimini yakho na? Pho, ilutholephi ukhula na?’ “Wathi kuzo: ‘Lokhu kwenziwe ngumuntu oyisitha.’ “Izisebenzi zathi kuye: ‘Uthanda ukuba siye ukulubutha na?’ “Kodwa wathi: ‘Qha, funa nithi, nxa nibutha ukhula, nisiphule amabele kanye nalo. Yekani kukhule kokubili ndawonye, kuze kuvunwe; ngesikhathi sokuvuna ngiyakuthi kwabavunayo: Buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuba lushiswe, nibuthele amabele engotsheni yami.’ ” Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; yona kambe incinyane kunazo zonke izimbewu, kepha uma isikhulile, inkulu kunezilimo, iba ngumuthi, kuze kufike izinyoni zezulu, zakhele emagatsheni awo.” Wabatshela omunye umfanekiso wathi: “Umbuso wezulu ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila konke.” Konke lokho uJesu wakukhuluma ezixukwini ngemifanekiso; ngaphandle komfanekiso kakhulumanga lutho kubo, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: “Ngizakuvula umlomo wami ngemifanekiso, ngiphimisele okufihlakeleyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.” Khona wazishiya izixuku, weza endlini. Basondela kuye abafundi bakhe, bathi: “Sichasisele umfanekiso wokhula ensimini.” Wayesephendula, ethi kubo: “Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu; insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi; kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi. Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe makezwe. “Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu. “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele* amahle; eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga. “Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle, lihlanganisa zonke izinhlobo; lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla. Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo, zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. “Nikuqondile konke lokho na?” Bathi kuye: “Yebo.” Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yilowo nalowo mbhali ofundiselwe umbuso wezulu ufana nomuntu, umnumzane, okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.” Kwathi uJesu eseqedile leyo mifanekiso, wamuka lapho. Esefikile emzini wakubo wabafundisa esinagogeni* labo, baze bamangala, bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na? Lo akasiyo indodana yombazi na? Unina kathiwa uMariya, nabafowabo asithi oJakobe, noJosefa, noSimoni, noJuda na? Nawodadewabo abakho yini bonke lapha kithi na? Pho, lo ukuthathaphi konke lokhu na?” Bakhubeka ngaye. Kepha uJesu wathi kubo: “Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo nasendlini yakwabo.” Akenzanga lapho imisebenzi eminingi yamandla ngenxa yokungakholwa kwabo.

NgokukaMathewu 13:1-58 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ngalolo suku uJesu waphuma endlini, wahlala ngaselwandle. Kwabuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala; isixuku sonke sema ogwini. Wakhuluma kubo izinto eziningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. Kwathi ekuhlanyeleni kwakhe, enye imbewu yawela ngasendleleni, kweza izinyoni zayidla zayiqeda. Enye yawela emadwaleni, lapho yayingenamhlaba omningi khona, yahle yamila, ngokuba yayingenamhlabathi ukujula; Kwathi seliphumile ilanga, zahangulwa; futhi ngenxa yokuthi zazingelampande zabuna. Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa. Kepha enye yawela emhlabathini omuhle, yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu. Olendlebe zokuzwa makezwe. Base besondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na? Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, abe nokuchichima; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. Ngakho ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba bebona ababoni; nokuzwa kabezwa, kabaqondi. Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika-Isaya sokuthi: “Ngokuzwa niyakuzwa, ningaqondi; nokubona nizakubona, ningabonisi; Ngoba inhliziyo yalababantu seyaba lukhuni, lendlebe zabo bezwa buthuntu, lamehlo abo bawacimezile; funa noma nini babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise. Kodwa abusisiwe amehlo enu, ngoba ayabona, lezindlebe zenu, ngoba ziyezwa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Abaningi abaprofethi nabalungileyo babefisa ukubona enikubonayo, abakubonanga; nokuzwa izinto enizizwayo, anizizwanga. Ngakho-ke zwanini umfanekiso womhlanyeli. Nxa yilowo nalowo olizwa izwi lombuso, engaliqondi, omubi uyeza, ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Nguye owahlanyelwa ngasendleleni. Kodwa ohlanyelwe edwaleni, nguye olizwayo ilizwi, ahle alamukele ngentokozo; Kodwa kanampande phakathi kwakhe, kodwa uhlala isikhashana; kuthi sekuvele usizi nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane. Ohlanyelwe emeveni nguye olizwayo izwi; futhi ukukhathazeka kwalesi simiso sezinto, nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, libe ngongatheli. Kepha ohlanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwayo izwi, aliqonde; ethela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu. Wababekela omunye umfanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe; Kwathi abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kukakolweni, samuka. Kodwa kwathi lapho ikhaba selimile futhi selithela, khona kwabonakala nokhula. Kwase kufika izinceku zomninindlu, zathi kuye: ‘Nkosi, awuhlwanyelanga imbewu enhle ensimini yakho na? Pho, luvelaphi ukhula? Wathi kubo: Lokhu kwenzelwe yisitha. Zathi izinceku kuye: Uyathanda-ke ukuba sihambe siyokubutha na? Kodwa wathi: Hatshi; hlezi nibuthe ukhula, nisiphule namabele kanye nalo. Kuyekeni kukhule kokubili ndawonye kuze kube sekuvuneni; Wababekela omunye umfanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nembewu yesinaphi, ayithabatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; yona incinyane kuzo zonke izimbewu, kepha nxa isikhulile, inkulu kunazo zonke phakathi kwemifino, ibe yisihlahla, kuze kufike izinyoni zezulu, zihlale emagatsheni awo. Wakhuluma kubo omunye umfanekiso; Umbuso wezulu ufana nemvubelo, ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila yonke. Lokho konke uJesu wakukhuluma emaxukwini ngemifanekiso; futhi ngaphandle komfanekiso akakhulumanga kubo; ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: Ngizavula umlomo wami ngemifanekiso; ngizakhuluma izinto ebezifihliwe kusukela ekusekelweni komhlaba. Khona uJesu wabamukisa abantu, wangena endlini; abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Sitshele umfanekiso wokhula lwensimu. Wasephendula wathi kubo: Ohlanyela inhlanyelo enhle yiNdodana yomuntu; Insimu ngumhlaba; imbewu enhle ngabantwana bombuso; kodwa ukhula lungabantwana bomubi; Isitha esawuhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi. Ngakho njengalokhu ukhula luyabuthwa lushiswe emlilweni; kuyakuba njalo ekupheleni kwalelizwe. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo, nabenza okubi; zibaphose esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo. Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe zokuzwa makezwe. Futhi umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini; okuthi lapho umuntu eseyitholile, wayifihla, futhi ngenxa yokujabula kwayo wahamba wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu. “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengisi ofuna amaparele amahle; Kwathi eselitholile iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga. Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa olwandle, labutha zonke izinhlobo; Lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kodwa ezimbi bazilahla. Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe: ziyakuphuma izingelosi, zihlukanise ababi kwabalungileyo; zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo. UJesu wathi kubo: Senikuqondile konke lokhu na? Bathi kuye: Yebo, Nkosi. Wayesethi kubo: “Ngakho wonke umbhali ofundisiwe embusweni wezulu ufana nomuntu umninindlu okhipha engcebweni yakhe izinto ezintsha nezindala. Kwathi uJesu eseyiqedile le mifanekiso, wamuka lapho. Esefikile ezweni lakubo wabafundisa esinagogeni labo, baze bamangala bathi: “Lo ukuthathephi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na? Lo akasiyo yini indodana yombazi na? Unina akabizwa ngokuthi uMariya na? nabafowabo oJakobe, noJose, noSimoni, noJuda? Odadewabo abakho yini bonke kithi na? Pho, lo ukuthathaphi konke lokhu na? Basebekhubeka ngaye. Kepha uJesu wathi kubo: “Umprofethi kadelelwa, kuphela ezweni lakubo nasendlini yakubo. Njalo akenzanga lapho imisebenzi yamandla eminengi ngenxa yokungakholwa kwabo.

NgokukaMathewu 13:1-58 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngalolo lusuku uJesu waphuma endlini, wahlala ngasolwandle. Kwabuthana izixuku eziningi, waze wangena esikebheni, wahlala phansi; isixuku sonke sasimi ogwini. Wakhuluma kubo okuningi ngemizekeliso, wathi: “Kwake kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni, kwafika izinyoni zezulu zayidla, zayiqeda. Enye imbewu yawela edwaleni, lapho kwakungenamhlabathi omningi khona. Yamila masinyane, ngokuba yayingekho emhlabathini ojulileyo. Kepha kwathi lapho seliphumile ilanga, yabuna, ngokuba ingenazimpande ezigxilileyo. Enye yawela emeveni, ameva akhula, ayiminyanisa. Enye yawela emhlabathini ovundileyo; yathela izithelo, ngekhulu, ngama-60 nangama-30. Onezindlebe makezwe.” Abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Ukhulumelani kubo ngemizekeliso na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Yingokuba nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kodwa bona kabakuphiwanga lokho. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuthi xaxa, kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. Yingakho-ke ngikhuluma kubo ngemizekeliso, ukuze bathi bebona, kodwa bangabonisisi; bathi bezwa, kepha bangezwisisi futhi bangaqondi. Kugcwaliseka kubo isiphrofetho sika-Isaya esithi: “ ‘Niyakuzwa nokuzwa, kepha ningaqondi; niyakubona nokubona, kepha ningabonisisi; ngokuba inhliziyo yalesi sizwe seyaba lukhuni; bezwa kanzima ngezindlebe, namehlo abo bawacimezile; funa babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphilise.’ “Kepha abusisiwe amehlo enu, ngokuba ayabona; nezindlebe zenu, lokhu ziyezwa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: baningi abaphrofethi nabalungileyo ababefisa ukubona lokhu enikubonayo, kodwa abakubonanga; nokuzwa lokhu enikuzwayo, kepha abakuzwanga. “Lalelani nginichazele ngomzekeliso womhlwanyeli. Yilowo nalowo ozwa izwi lombuso, angaliqondi, kufika omubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Leyo ngehlwanyelwe ngasendleleni. Okuhlwanyelwe edwaleni, yilowo ozwa izwi, alamukele masinyane ngokuthokoza, kepha kanampande ngaphakathi; ulibamba nje okwesikhashana, kuthi lapho kufika ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke ngokushesha. Lokho okuhlwanyelwe emeveni, yilowo ozwa izwi, kuthi iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuliminyanise izwi, abe ngongatheliyo. Lokho okuhlwanyelwe emhlabathini ovundileyo, yilowo olizwayo izwi maqede aliqonde, athele izithelo, athele ngekhulu, omunye ngama-60 nomunye ngama-30.” Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe; kuthe abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, qede sashaya sachitha. Kwathi lapho amabele esekhahlela, kwavumbuka ukhula. “Izisebenzi zaya kumninindlu, zathi kuye: ‘Nkosi, awuhlwanyelanga yini imbewu enhle ensimini yakho na? Pho luvelaphi ukhula na?’ “Wathi kuzo: ‘Lokhu kwenziwe ngumuntu oyisitha.’ “Izisebenzi zathi kuye: ‘Uyathanda yini ukuba sihambe siyolusiphula na?’ “Kepha wathi: ‘Qha, funa nithi nxa nisiphula ukhula, nisiphule namabele kanye nalo. Kuyekeni kukhule kokubili ndawonye, kuze kuvunwe. Ngesikhathi sokuvuna ngiyakuyala abavuni ngithi: buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuze lushiswe, bese nibuthela amabele enqolobaneni yami.’ ” Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nohlamvu lwesinaphi aluthatha umuntu waluhlwanyela ensimini yakhe; lona luthi lungoluncane kunazo zonke izimbewu, kodwa lukhule lube lukhulu kunakho konke okumilayo, lube yisihlahla esikhulukazi; zize izinyoni zezulu, zakhele emagatsheni aso.” Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nomuntu wesifazane, owathatha imvubelo wayifaka emicengezini emithathu yempuphu, kwaze kwabila konke.” UJesu wakukhuluma konke lokhu ezixukwini ngemizekeliso, akukho lutho olunye ake walukhuluma kubo ngaphandle kwemizekeliso, ukuze kugcwaliseke okwashiwo ngomphrofethi ukuthi: “Ngizakuvula umlomo wami, ngikhulume ngemizekeliso. Ngikhulume izinto ezifihlakeleyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.” UJesu wayesezihlakaza izixuku, waya endlini. Abafundi bakhe basondela kuye, bathi: “Sichazele ngomzekeliso wokhula ensimini.” Wayesebaphendula, ethi: “Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu. Insimu yizwe, imbewu enhle yilabo abangabantwana bombuso; ukhula ngabantwana bomubi. Kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane, ukuvuna kungukuphela kwesikhathi, abavuni yizingelosi. Ngakho-ke njengalokhu ukhula lubuthwa lushiswe emlilweni, kuyakuba kanjalo ekupheleni kwezwe. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. Kepha abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise. Onezindlebe makezwe. “Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, umuntu wayifumana, wayithukusa; wahamba ethokozile, wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu. “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amapharele amahle; kuthi angalithola ipharele elilodwa lenani elikhulu, ahambe athengise ngakho konke anakho, alithenge. “Umbuso wezulu ufaniswa futhi nenetha elaphonswa olwandle, lawola inhlanganisela yezinhlanzi. Kuthe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, bakhetha ezinhle, bazifaka ezitsheni, kwathi ezimbi bazilahla. Kuyakuba kanjalo ekupheleni kwezwe. Kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi kwabalungileyo. Ababi zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. “Nikuqondile yini konke lokhu na?” Bathi kuye: “Yebo.” Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yileso naleso sazimthetho esifundiselwe umbuso wezulu, sifana nomuntu, umnumzane okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.” Kwathi lapho uJesu eseqedile ukukhuluma ngemizekeliso, wasuka lapho. Esefikile emzini wakubo, wabafundisa esinagogeni labo, baze bamangala, bathi: “Lo ngabe ukuthatha kuphi lokhu kuhlakanipha nala mandla na? Lo akasiyo yini indodana yombazi? Unina akusiye yini uMariya, nabafowabo akusibo yini oJakobe, uJosefa, uSimoni noJuda na? Odadewabo abekho yini phakathi kwethu lapha na? Pho-ke lo ukuthatha kuphi konke lokhu na?” Base bekhubeka ngaye, kepha uJesu wathi kubo: “Umphrofethi akadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo nasendlini yakwabo.” Akayenzanga lapho imisebenzi eminingi yamandla ngenxa yokungakholwa kwabo.

NgokukaMathewu 13:1-58 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)