Mathewu 13:1-58

Mathewu 13:1-58 ZULUNT

Ngalolo suku uJesu waphuma endlini, wahlala ngaselwandle. Kwabuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala; isixuku sonke sema ogwini. Wakhuluma kubo izinto eziningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. Kwathi ekuhlanyeleni kwakhe, enye imbewu yawela ngasendleleni, kweza izinyoni zayidla zayiqeda. Enye yawela emadwaleni, lapho yayingenamhlaba omningi khona, yahle yamila, ngokuba yayingenamhlabathi ukujula; Kwathi seliphumile ilanga, zahangulwa; futhi ngenxa yokuthi zazingelampande zabuna. Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa. Kepha enye yawela emhlabathini omuhle, yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu. Olendlebe zokuzwa makezwe. Base besondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na? Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, abe nokuchichima; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. Ngakho ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba bebona ababoni; nokuzwa kabezwa, kabaqondi. Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika-Isaya sokuthi: “Ngokuzwa niyakuzwa, ningaqondi; nokubona nizakubona, ningabonisi; Ngoba inhliziyo yalababantu seyaba lukhuni, lendlebe zabo bezwa buthuntu, lamehlo abo bawacimezile; funa noma nini babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise. Kodwa abusisiwe amehlo enu, ngoba ayabona, lezindlebe zenu, ngoba ziyezwa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Abaningi abaprofethi nabalungileyo babefisa ukubona enikubonayo, abakubonanga; nokuzwa izinto enizizwayo, anizizwanga. Ngakho-ke zwanini umfanekiso womhlanyeli. Nxa yilowo nalowo olizwa izwi lombuso, engaliqondi, omubi uyeza, ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Nguye owahlanyelwa ngasendleleni. Kodwa ohlanyelwe edwaleni, nguye olizwayo ilizwi, ahle alamukele ngentokozo; Kodwa kanampande phakathi kwakhe, kodwa uhlala isikhashana; kuthi sekuvele usizi nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane. Ohlanyelwe emeveni nguye olizwayo izwi; futhi ukukhathazeka kwalesi simiso sezinto, nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, libe ngongatheli. Kepha ohlanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwayo izwi, aliqonde; ethela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu. Wababekela omunye umfanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe; Kwathi abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kukakolweni, samuka. Kodwa kwathi lapho ikhaba selimile futhi selithela, khona kwabonakala nokhula. Kwase kufika izinceku zomninindlu, zathi kuye: ‘Nkosi, awuhlwanyelanga imbewu enhle ensimini yakho na? Pho, luvelaphi ukhula? Wathi kubo: Lokhu kwenzelwe yisitha. Zathi izinceku kuye: Uyathanda-ke ukuba sihambe siyokubutha na? Kodwa wathi: Hatshi; hlezi nibuthe ukhula, nisiphule namabele kanye nalo. Kuyekeni kukhule kokubili ndawonye kuze kube sekuvuneni; Wababekela omunye umfanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nembewu yesinaphi, ayithabatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; yona incinyane kuzo zonke izimbewu, kepha nxa isikhulile, inkulu kunazo zonke phakathi kwemifino, ibe yisihlahla, kuze kufike izinyoni zezulu, zihlale emagatsheni awo. Wakhuluma kubo omunye umfanekiso; Umbuso wezulu ufana nemvubelo, ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila yonke. Lokho konke uJesu wakukhuluma emaxukwini ngemifanekiso; futhi ngaphandle komfanekiso akakhulumanga kubo; ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: Ngizavula umlomo wami ngemifanekiso; ngizakhuluma izinto ebezifihliwe kusukela ekusekelweni komhlaba. Khona uJesu wabamukisa abantu, wangena endlini; abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Sitshele umfanekiso wokhula lwensimu. Wasephendula wathi kubo: Ohlanyela inhlanyelo enhle yiNdodana yomuntu; Insimu ngumhlaba; imbewu enhle ngabantwana bombuso; kodwa ukhula lungabantwana bomubi; Isitha esawuhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi. Ngakho njengalokhu ukhula luyabuthwa lushiswe emlilweni; kuyakuba njalo ekupheleni kwalelizwe. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo, nabenza okubi; zibaphose esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo. Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe zokuzwa makezwe. Futhi umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini; okuthi lapho umuntu eseyitholile, wayifihla, futhi ngenxa yokujabula kwayo wahamba wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu. “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengisi ofuna amaparele amahle; Kwathi eselitholile iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga. Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa olwandle, labutha zonke izinhlobo; Lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kodwa ezimbi bazilahla. Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe: ziyakuphuma izingelosi, zihlukanise ababi kwabalungileyo; zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo. UJesu wathi kubo: Senikuqondile konke lokhu na? Bathi kuye: Yebo, Nkosi. Wayesethi kubo: “Ngakho wonke umbhali ofundisiwe embusweni wezulu ufana nomuntu umninindlu okhipha engcebweni yakhe izinto ezintsha nezindala. Kwathi uJesu eseyiqedile le mifanekiso, wamuka lapho. Esefikile ezweni lakubo wabafundisa esinagogeni labo, baze bamangala bathi: “Lo ukuthathephi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na? Lo akasiyo yini indodana yombazi na? Unina akabizwa ngokuthi uMariya na? nabafowabo oJakobe, noJose, noSimoni, noJuda? Odadewabo abakho yini bonke kithi na? Pho, lo ukuthathaphi konke lokhu na? Basebekhubeka ngaye. Kepha uJesu wathi kubo: “Umprofethi kadelelwa, kuphela ezweni lakubo nasendlini yakubo. Njalo akenzanga lapho imisebenzi yamandla eminengi ngenxa yokungakholwa kwabo.